Marku 2:18-22

Marku 2:18-22 CZB24

Kepha abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi babezila ukudla, beza bathi kuye: “Kungani abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bezila ukudla, kepha abafundi bakho abazili na? UJesu wathi kubo: “Abendlu yomyeni bangazila yini ukudla, umyeni esenabo na? inqobo nje uma umyeni ekanye nabo, abanakuzila ukudla. Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku. Akakho othungela isiziba esingakashukeki engutsheni endala, funa okusha okubekelwayo kuklebhule kwendala, kwande ukuklebhuka. Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”

Funda Marku 2