NgokukaMarku 2:18-22

NgokukaMarku 2:18-22 ZUL59

Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla; beza bathi kuye: “Yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla, kodwa abafundi bakho bangazili na?” UJesu wathi kubo: “Abayeni bangazila yini, umyeni esenabo na? Bese naye umyeni bangezile. Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku. Akakho othungela isiziba esingakashukeki engutsheni endala, funa okusha okubekelwayo kuklebhule kwendala, kwande ukuklebhuka. Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo