UJesu wayeseqala ukukhuluma kubo ngemizekeliso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda. Wasiqashisa kubalimi, wahamba waya kwelinye izwe. Ngesikhathi sokuvuna, wathumela inceku kubalimi ukuba ilande kubalimi izithelo zesivini. Bayibamba, bayishaya, bayibuyisela emuva ilambatha. Waphinda wathumela enye inceku kubo; yona bayilimaza ekhanda, futhi bayichapha ngenhlamba. Wabuye wathumela enye futhi; yona bayibulala nezinye eziningi. Ezinye bazishaya, ezinye bazibulala. “Kwase kusele umuntu oyedwa, indodana yakhe ethandekayo. Ekugcineni wathumela yona kubo, ethi: ‘Bazakuyihlonipha indodana yami.’ “Kepha labo balimi bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, khona ifa kuzakuba ngelethu.’ Base beyibamba bayibulala, bayiphonsa ngaphandle kwesivini. “Uzakwenzenjani umninisivini na? Uzofika, ababhubhise labo balimi, isivini asiqashise kwabanye. Aniwufundanga yini lo mbhalo othi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi, selaba yinhloko yegumbi. Lona lavela eNkosini liyisimangaliso emehlweni ethu’ na?” Base beceba ukumbamba, kodwa besaba isixuku, ngokuba babazi ukuthi ukhulume ngalowo mzekeliso ewuqondise kubo. Base bemshiya, bahamba.
Funda NgokukaMakhu 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 12:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo