NgokukaMarku 12:1-12

NgokukaMarku 12:1-12 ZUL59

Wayeseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe. Ngenkathi efaneleyo wayesethuma inceku kubalimi ukuba ithathe kubalimi ezithelweni zesivini. Bayibamba, bayishaya, bayimukisa ze. Waphinda wathuma kubo enye inceku; yona bayilimaza ekhanda, bayithuka. Wathuma enye futhi; yona bayibulala, nezinye eziningi: ezinye bazishaya, ezinye bazibulala. “Kwase kusele umuntu munye, indodana ethandekayo; yona wayithuma kubo ekugcineni, ethi: ‘Bayakuyazisa indodana yami.’ “Kepha labo balimi bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, ifa libe ngelethu.’ Base beyibamba bayibulala, bayiphonsa ngaphandle kwesivini. “Uzakwenzani umninisivini na? Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asinike abanye. Aniwufundanga yini lo mbhalo othi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi; lona lavela eNkosini; liyisimangaliso emehlweni ethu,’ na?” Base befuna ukumbamba, kepha besaba isixuku; ngokuba bazi ukuthi ukhulume lo mfanekiso ngabo. Base bemshiya bamuka.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo