Marku 12:1-12

Marku 12:1-12 CZB24

Waseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso. Umuntu othile watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo sewayini, wakha umbhoshongo, wasiqashisa kubalimi, waya ezweni elikude. Ngesikhathi esifaneleyo wathumela inceku kubalimi, ukuze yamukele kubalimi esithelweni sesivini. Base bembamba, bamshaya, bammukisa elambatha. Wabuye wathuma kubo enye inceku; yona bayijikijela ngamatshe, bayilimaza ekhanda, bayimukisa ihlazekile. Wabuye wathuma enye; yena bambulala, nabanye abaningi; abanye batshaya, abanye bebulala. Ngakho-ke esesenendodana eyodwa ethandekayo wakhe, wayithuma kubo ekugcineni, ethi: ‘Bayakuyihlonipha indodana yami.’ Kepha labo balimi bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, ifa libe ngelethu. Basebemthatha, bambulala, bamphosela ngaphandle kwesivini. Uzakwenzani-ke umninisivini? uzakuza, ababhubhise abalimi, isivini asinike abanye. Aniwufundanga yini lo mbhalo; Itshe abalinqabayo abakhi laba yinhloko yegumbi; Lokhu kwenziwe yiNkosi, futhi kuyamangalisa emehlweni ethu? Base befuna ukumbamba, kepha besaba isixuku, ngokuba bazi ukuthi uwukhulume ngabo lo mfanekiso; bamshiya, bamuka.

Funda Marku 12