NgokukaMarku 12:1-12
NgokukaMarku 12:1-12 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Waseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso. Umuntu othile watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo sewayini, wakha umbhoshongo, wasiqashisa kubalimi, waya ezweni elikude. Ngesikhathi esifaneleyo wathumela inceku kubalimi, ukuze yamukele kubalimi esithelweni sesivini. Base bembamba, bamshaya, bammukisa elambatha. Wabuye wathuma kubo enye inceku; yona bayijikijela ngamatshe, bayilimaza ekhanda, bayimukisa ihlazekile. Wabuye wathuma enye; yena bambulala, nabanye abaningi; abanye batshaya, abanye bebulala. Ngakho-ke esesenendodana eyodwa ethandekayo wakhe, wayithuma kubo ekugcineni, ethi: ‘Bayakuyihlonipha indodana yami.’ Kepha labo balimi bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, ifa libe ngelethu. Basebemthatha, bambulala, bamphosela ngaphandle kwesivini. Uzakwenzani-ke umninisivini? uzakuza, ababhubhise abalimi, isivini asinike abanye. Aniwufundanga yini lo mbhalo; Itshe abalinqabayo abakhi laba yinhloko yegumbi; Lokhu kwenziwe yiNkosi, futhi kuyamangalisa emehlweni ethu? Base befuna ukumbamba, kepha besaba isixuku, ngokuba bazi ukuthi uwukhulume ngabo lo mfanekiso; bamshiya, bamuka.
NgokukaMarku 12:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wayeseqala ukukhuluma kubo ngemizekeliso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda. Wasiqashisa kubalimi, wahamba waya kwelinye izwe. Ngesikhathi sokuvuna, wathumela inceku kubalimi ukuba ilande kubalimi izithelo zesivini. Bayibamba, bayishaya, bayibuyisela emuva ilambatha. Waphinda wathumela enye inceku kubo; yona bayilimaza ekhanda, futhi bayichapha ngenhlamba. Wabuye wathumela enye futhi; yona bayibulala nezinye eziningi. Ezinye bazishaya, ezinye bazibulala. “Kwase kusele umuntu oyedwa, indodana yakhe ethandekayo. Ekugcineni wathumela yona kubo, ethi: ‘Bazakuyihlonipha indodana yami.’ “Kepha labo balimi bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, khona ifa kuzakuba ngelethu.’ Base beyibamba bayibulala, bayiphonsa ngaphandle kwesivini. “Uzakwenzenjani umninisivini na? Uzofika, ababhubhise labo balimi, isivini asiqashise kwabanye. Aniwufundanga yini lo mbhalo othi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi, selaba yinhloko yegumbi. Lona lavela eNkosini liyisimangaliso emehlweni ethu’ na?” Base beceba ukumbamba, kodwa besaba isixuku, ngokuba babazi ukuthi ukhulume ngalowo mzekeliso ewuqondise kubo. Base bemshiya, bahamba.
NgokukaMarku 12:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayeseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe. Ngenkathi efaneleyo wayesethuma inceku kubalimi ukuba ithathe kubalimi ezithelweni zesivini. Bayibamba, bayishaya, bayimukisa ze. Waphinda wathuma kubo enye inceku; yona bayilimaza ekhanda, bayithuka. Wathuma enye futhi; yona bayibulala, nezinye eziningi: ezinye bazishaya, ezinye bazibulala. “Kwase kusele umuntu munye, indodana ethandekayo; yona wayithuma kubo ekugcineni, ethi: ‘Bayakuyazisa indodana yami.’ “Kepha labo balimi bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, ifa libe ngelethu.’ Base beyibamba bayibulala, bayiphonsa ngaphandle kwesivini. “Uzakwenzani umninisivini na? Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asinike abanye. Aniwufundanga yini lo mbhalo othi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi; lona lavela eNkosini; liyisimangaliso emehlweni ethu,’ na?” Base befuna ukumbamba, kepha besaba isixuku; ngokuba bazi ukuthi ukhulume lo mfanekiso ngabo. Base bemshiya bamuka.
NgokukaMarku 12:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)