NgokukaMakhu 12

12
Umzekeliso Womninisivini
(Mat. 21:33; Luk. 20:9)
1 UJesu wayeseqala ukukhuluma kubo ngemizekeliso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda. Wasiqashisa kubalimi, wahamba waya kwelinye izwe. 2Ngesikhathi sokuvuna, wathumela inceku kubalimi ukuba ilande kubalimi izithelo zesivini. 3Bayibamba, bayishaya, bayibuyisela emuva ilambatha. 4Waphinda wathumela enye inceku kubo; yona bayilimaza ekhanda, futhi bayichapha ngenhlamba. 5Wabuye wathumela enye futhi; yona bayibulala nezinye eziningi. Ezinye bazishaya, ezinye bazibulala.
6“Kwase kusele umuntu oyedwa, indodana yakhe ethandekayo. Ekugcineni wathumela yona kubo, ethi: ‘Bazakuyihlonipha indodana yami.’
7“Kepha labo balimi bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, khona ifa kuzakuba ngelethu.’ 8Base beyibamba bayibulala, bayiphonsa ngaphandle kwesivini.
9“Uzakwenzenjani umninisivini na? Uzofika, ababhubhise labo balimi, isivini asiqashise kwabanye. 10 Aniwufundanga yini lo mbhalo othi:
“ ‘Itshe abalinqabayo abakhi,
selaba yinhloko yegumbi.
11Lona lavela eNkosini
liyisimangaliso emehlweni ethu’ na?”
12Base beceba ukumbamba, kodwa besaba isixuku, ngokuba babazi ukuthi ukhulume ngalowo mzekeliso ewuqondise kubo. Base bemshiya, bahamba.
Intela KaKhesari
(Mat. 22:15; Luk. 20:19)
13Abanye babaFarisi nabalandeli bakaHerode bathunyelwa kuye ukuba bamhile ngezwi. 14Bafika kuye, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, futhi awuzikhathazi ngokuthi abantu bathini. Ngokuba awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso. Ngabe kuvunyelwe yini ukuthela intela kuKhesari noma qha na? Sithele yini noma singatheli?”
15Kepha Yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu, ngiwubone.”
16Bawuletha. Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?”
Bathi kuye: “NgokaKhesari.”
17UJesu wathi kubo: “Nikani uKhesari okukaKhesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”
Bamangala ngaye.
Ukuvuka Kwabafileyo
(Mat. 22:23; Luk. 20:27)
18 Kwase kufika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza bathi: 19 “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engenamntwana, umfowabo makamngene umkakhe, amvusele umfowabo abolibo. 20Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa, owokuqala wathatha umfazi; wafa engashiyanga mntwana. 21Nowesibili wamthatha, naye wafa engazalanga mntwana, kanjalo nowesithathu. 22Abayisikhombisa bafa bengashiyanga mntwana; ekugcineni wafa nowesifazane. 23Ekuvukeni, mhla bevuswayo, uyakuba ngumkabani kubo, lokhu bonke abayisikhombisa ubengumkabo na?”
24UJesu wathi kubo: “Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na? 25Ngokuba mhla bevuka kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini. 26 Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa, anifundanga yini encwadini kaMose ngasesihlahleni sameva ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: ‘NginguNkulunkulu ka-Abhrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe’ na? 27 Akasiye uNkulunkulu wabafileyo, kodwa owabaphilayo. Niduke kakhulu.”
Umbuzo Ngomyalo Wokuqala
28 Kwase kusondela kuJesu omunye wezazimthetho owayebezwile bebuzana, wabona ukuthi uJesu ubaphendule kahle, wambuza, wathi: “Yimuphi umyalo wokuqala kuyo yonke na?”
29 UJesu waphendula wathi: “Owokuqala yilo othi: ‘Yizwa Israyeli, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye. 30Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo wonke amandla akho.’ 31 Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunaleyo.”
32 Isazimthetho sasesithi kuJesu: “Yebo, Mfundisi lokhu okushilo kuyiqiniso kokuthi yinye iNkosi nokuthi ayikho enye ngaphandle kwayo. 33 Ukuyithanda ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla wonke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kuyayedlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.”
34UJesu embona ukuthi uphendule ngokuqonda, wathi kuye: “Awukude nombuso kaNkulunkulu.”
Akubange kusabakhona onesibindi sokumbuza.
Umbuzo NgoKhristu
(Mat. 22:41; Luk. 20:41)
35Kwathi uJesu esafundisa ethempelini wabuza, wathi: “Zikusho kanjani izazimthetho ukuthi uKhristu uyiNdodana kaDavide na? 36 UDavide luqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele, wathi:
“ ‘INkosi yathi eNkosini yami:
“Hlala ngakwesokunene sami,
ngize ngibeke izitha zakho
phansi kwezinyawo zakho.” ’
37“UDavide luqobo umbiza ngokuthi yiNkosi. Pho-ke uyindodana yakhe kanjani na?”
Isixuku esikhulu sasimlalele ngokujabula.
UJesu Uxwayisa Ngezazimthetho
(Mat. 23:1; Luk. 20:45)
38Ngesikhathi efundisa, wathi: “Xwayani izazimthetho ezithanda ukuhamba zembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini, 39nezihlalo eziphambili emasinagogeni, nezindawo eziqavile emadilini, 40ezidla izindlu zabafelokazi, zithandaze isikhathi eside, zizenzisa. Laba bayakwemukeliswa ukulahlwa okukhulu.”
Umnikelo Owakhishwa Ngumfelokazi
(Luk. 21:1)
41UJesu wayesehlala phansi, maqondana nomphongolo womnikelo, wayebuka ukuthi isixuku sinikela kanjani umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babenikela kakhulu. 42Kepha kwafika umfelokazi ompofu wanikela ngamafadingi amabili, okuyisitebela. 43Wayesebiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: lo mfelokazi ompofu unikele kakhulu kunabo bonke abanikele emphongolweni, 44ngokuba bonke bacaphune kokuningi abanakho banikela, kodwa lo mfelokazi ekusweleni kwakhe, unikele ngakho konke anakho, konke abephila ngakho.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMakhu 12: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo