NgokukaMakhu 11

11
UJesu Ungena EJerusalema
(Mat. 21:1; Luk. 19:29; Joh. 12:12)
1Kwathi lapho besondela eJerusalema, naseBhethifage, naseBhethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wayesethuma abafundi bakhe ababili, 2wathi kubo: “Hambani niye emzaneni oqondene nani, kuyakuthi nje lapho ningena kuwo, nifumane ithole lembongolo elingakaze ligitshelwe muntu, likhulekiwe; lithukululeni, nililethe. 3Uma kukhona umuntu othi kini: ‘Nikwenzelani lokhu na?’ anothi ‘INkosi iyalidinga, izakulibuyisa lapha masinyane.’ ”
4Bahamba-ke, balithola ithole liboshelwe ngasesangweni ngaphandle emgwaqweni; balithukulula. 5Abanye kwababemi lapho bathi kubo: “Nenzani, nilithukululelani ithole na?”
6Babaphendula njengalokhu uJesu ayeshilo, base bebayeka. 7Baliletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo, wahlala kulo. 8Abaningi bendlala izingubo zabo endleleni, abanye amahlamvu ababewagawule endle. 9 Labo ababehamba phambili nalabo ababelandela, bamemeza bathi:
“Hosana!
Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.
10Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide.
Hosana kweliphezulu!”
11UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini. Esebuke nxazonke, waphuma. Kuthe sekuhlwile, waya eBhethaniya nabali-12.
UJesu Uqalekisa Umkhiwane Ongenasithelo
(Mat. 21:18; Luk. 19:45)
12Ngakusasa lapho bephuma eBhethaniya, uJesu walamba. 13Wabona umkhiwane buqamama, unamaqabunga, wasondela kuwo ethi hleze angathola okuthile kuwo. Esefikile kuwo akatholanga lutho, kodwa amacembe wodwa nje, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane. 14UJesu wathi kuwo: “Akungabe kusadla noyedwa isithelo esivela kuwe kuze kube phakade.”
Abafundi bakhe bakuzwa lokho.
UJesu Uxosha Abathengayo Nabathengisayo Ethempelini
(Mat. 21:12; Luk. 19:45)
15Bafika eJerusalema. UJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini. Wagumbuqela amatafula alabo ababeshintshelana imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba. 16Akavumelanga muntu ukuba adabule ethempelini ethwele umthwalo. 17 Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kodwa nina seniyiphendule umhume wabaphangi.”
18Abaphristi abakhulu nezazimthetho bakuzwa lokho, bafuna ukuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, kwazise izindimbane zabantu zazimangaliswa ngukufundisa kwakhe. 19Kwathi kungahlwa, baphumela ngaphandle komuzi.
Umkhiwane Osubunile
20Ngakusasa ekuseni badlula bawubona umkhiwane ubunile kusukela ezimpandeni. 21UPhethro ekhumbula okwakwenzekile, wathi kuJesu: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.”
22UJesu waphendula, wathi kubo: “Kholwani nguNkulunkulu.
23 “Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Zimbuka uphonseke olwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe, kodwa ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuzokwenzeka, uyakukwenzelwa lokho. 24 Ngakho-ke ngithi kini: konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho. 25 Uma futhi nimi nikhuleka, thethelelanani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu. 26Kepha uma nina ningathethelelani, noYihlo osezulwini akayukunithethelela iziphambeko zenu.”
Igunya LikaJesu
(Mat. 21:23; Luk. 20:1)
27Babuye babuyela eJerusalema, kwathi ehamba ethempelini, kweza kuye abaphristi abakhulu, izazimthetho namalunga, 28bathi kuye: “Lezi zinto uzenza ngagunya lini na? Ngubani okunike leli gunya ukuze wenze lokhu?”
29UJesu wathi kubo: “Ngizakunibuza igama libe linye vo, ningiphendule, ukuze nami nginitshele ukuthi ngenza lezi zinto ngagunya lini. 30Ukubhabhadisa kukaJohane ngabe kwakuvela ezulwini noma kubantu na? Ngiphenduleni.”
31Bahlanganisa amakhanda, bathi: “Uma sithi: ‘Ezulwini,’ uzakuthi: ‘Pho anikholwa ngani nguye na?’ 32Kepha uma sithi: ‘Kubantu’ ngeke kulunge.”
Babesaba isixuku, ngokuba bonke abantu babethi uJohane ungumphrofethi impela. 33Base bemphendula uJesu bathi: “Asazi.”
UJesu wayesethi kubo: “Nami ngeke nginitshele ukuthi ngenza lezi zinto ngagunya lini.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMakhu 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo