NgokukaMakhu 11:1-11

NgokukaMakhu 11:1-11 ZUL20

Kwathi lapho besondela eJerusalema, naseBhethifage, naseBhethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wayesethuma abafundi bakhe ababili, wathi kubo: “Hambani niye emzaneni oqondene nani, kuyakuthi nje lapho ningena kuwo, nifumane ithole lembongolo elingakaze ligitshelwe muntu, likhulekiwe; lithukululeni, nililethe. Uma kukhona umuntu othi kini: ‘Nikwenzelani lokhu na?’ anothi ‘INkosi iyalidinga, izakulibuyisa lapha masinyane.’ ” Bahamba-ke, balithola ithole liboshelwe ngasesangweni ngaphandle emgwaqweni; balithukulula. Abanye kwababemi lapho bathi kubo: “Nenzani, nilithukululelani ithole na?” Babaphendula njengalokhu uJesu ayeshilo, base bebayeka. Baliletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo, wahlala kulo. Abaningi bendlala izingubo zabo endleleni, abanye amahlamvu ababewagawule endle. Labo ababehamba phambili nalabo ababelandela, bamemeza bathi: “Hosana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide. Hosana kweliphezulu!” UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini. Esebuke nxazonke, waphuma. Kuthe sekuhlwile, waya eBhethaniya nabali-12.