Kwathi ukuba basondele eJerusalema, naseBetfage, naseBethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe, wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani; kothi nisangena kuwo, nizakufumana ithole lembongolo likhulekiwe, okungakaze kuhlale muntu kulo; lithukululeni, nililethe. Uma umuntu ethi kini: ‘Nikwenzelani lokhu na?’ anothi: ‘INkosi iyalidinga; izakulibuyisela lapha masinyane.’ ” Bahamba, bafumana ithole likhulekiwe ngasesangweni ngaphandle emgwaqweni; balithukulula. Abanye kwababemi khona bathi kubo: “Nenzani nilithukulula ithole na?” Basho kubo njengokusho kukaJesu; base bebayeka. Baliletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo, wakhwela kulo. Abaningi bendlala izingubo zabo endleleni, abanye amahlamvu ababewagawule endle. Ababehamba phambili nababelandela bamemeza bathi: “Hosiyana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide. Hosiyana kweliphezulu!” UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini; esekubukile konke waphuma, sekuhlwile, waya eBethaniya kanye nabayishumi nambili.
Funda NgokukaMarku 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 11:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo