Kuthe sebephuma eJerikho, balandelwa yisixuku esikhulu. Kwakuhleli izimpumputhe ezimbili ngasendleleni. Zathi zingezwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza zathi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!” Kepha isixuku sazikhuza, sathi azithule, kodwa zamemeza kakhulu kunakuqala, zithi: “Sihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide!” UJesu wema, wazibiza wathi: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?” Zathi kuye: “Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke.” UJesu waba nesihawu wathinta amehlo azo; zase ziyabona masinyane, zamlandela.
Funda NgokukaMathewu 20
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 20:29-34
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo