Mathewu 20:29-34

Mathewu 20:29-34 CZB24

Kwathi sebephuma eJeriko, ixuku elikhulu lamlandela. Bheka, izimpumputhe ezimbili zihlezi ngasendleleni, zizwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza, zathi: “Sihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Isixuku sabakhuza ukuba bathule; kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Sihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! UJesu wema, wawabiza, wathi: Nithanda ukuba nginenzeleni na? Bathi kuye: Nkosi, ukuze amehlo ethu avulwe. UJesu waba nesihe ngazo, wathinta amehlo azo; zase zibona masinyane, zamlandela.

Video for Mathewu 20:29-34