NgokukaMathewu 20:29-34

NgokukaMathewu 20:29-34 ZUL59

Sebephuma eJeriko, isixuku esikhulu samlandela. Bheka, kwakuhlezi izimpumputhe ezimbili ngasendleleni; kuthe zizwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza zathi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!” Kepha isixuku sazikhuza ukuba zithule, kodwa kwayikhona zimemeza kakhulu, zithi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!” UJesu wema, wazibiza wathi: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?” Zathi kuye: “Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke.” UJesu waba nesihe, waphatha amehlo azo; zase zibona masinyane, zamlandela.

Video for NgokukaMathewu 20:29-34