NgokukaMathewu 20

20
Izisebenzi Zesivini
1“Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu, owaphuma ekuseni ukuyoqasha izisebenzi ukuba ziye esivinini sakhe. 2Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu ngosuku, wazithumela esivinini sakhe.
3“Waphuma futhi ngehora lesithathu, wabona abanye bemi esigcawini, bengenzi lutho; 4nakubo wathi: ‘Hambani nani niye esivinini; ngiyakuninika okufaneleyo.’ 5Bahamba-ke.
“Wabuye waphuma futhi ngehora lesithupha nangelesishiyagalolunye, wenza kanjalo. 6Kuthe ngehora le-11, wathola abanye bemile, wayesethi kubo: ‘Nimeleni lapha usuku lonke ningenzi lutho na?’
7“Bathi kuye: ‘Ngokuba akukho muntu osiqashileyo.’
“Wathi kubo: ‘Hambani nani niye esivinini.’
8 “Kusihlwa, umninisivini wathi enduneni yakhe: ‘Biza izisebenzi, uziholele imali yazo, uqale ngezokugcina, ugcine ngezokuqala.’
9“Kuthe lapho zifika ebeziqashwe ngehora le-11, kwaba yileso naleso sahola udenariyu. 10Kepha kuthe sekusondela ezokuqala, zacabanga ukuthi zizokwemukela okukhulu, kodwa nazo zaholelwa udenariyu, umuntu ngamunye.
11“Kuthe seziwemukela zakhononda kumninindlu, 12zathi: ‘Laba abokugcina basebenze ihora elilodwa nje, kodwa ubaholela njengathi esithwale ubunzima nesifudumezi semini.’
13“Kepha waphendula wathi komunye wabo: ‘Mngani, angikuqoli; kanti asivumelananga yini ngodenariyu na? 14Thatha okungokwakho, uhambe; kepha ngiyathanda ukumholela nalo wokugcina njengokuba ngikuholele nawe. 15 Angivunyelwe yini ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Ngabe iso lakho libi, ngenxa yokuba ngiyephana na?’
16 “Kanjalo-ke abokugcina bayakuba ngabokuqala; abokuqala babe ngabokugcina.”
UJesu Ukhuluma Okwesithathu Ngokuhlupheka Kwakhe
(Mak. 10:32; Luk. 18:31)
17 Kwathi uJesu esekhuphukele eJerusalema, wathatha abafundi abayishumi nambili, waqhelela nabo eceleni. Sebesendleleni, wathi kubo: 18“Bhekani, sikhuphukela eJerusalema, iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubaphristi abakhulu nezazimthetho; banqume ukuba ife. 19 Bazakuyinikela kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni, kodwa ngosuku lwesithathu izakuvuswa.”
Isicelo SomkaZebedewu
(Mak. 10:35)
20 Kwase kuza kuye unina wamadodana kaZebedewu namadodana akhe. Wakhuleka, wayesecela okuthile kuye.
21UJesu wathi kuye: “Ufunani na?”
Wathi kuJesu: “Yisho ukuthi lawa madodana ami amabili ayakuhlala, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho, embusweni wakho.”
22 UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?”
Bathi kuye: “Singasiphuza.”
23Wathi kubo: “Kuyiqiniso, nizakusiphuza isitsha sami, kodwa ukuhlala ngakwesokunene nangakwesokhohlo sami, akusikho okwami ukuphana ngakho, kepha kungokwalabo abakulungiselelwe nguBaba.”
24 Sebekuzwile lokhu abayishumi, bazithukuthelela izelamani ezimbili. 25Kepha uJesu wababiza, wathi: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazithwalisa kanzima, nezikhulu zazo ziziphethe ngamandla anzima. 26 Nokho akuyukuba njalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu, makabe yisikhonzi senu. 27Nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu, makabe yinceku yenu, 28 njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
UJesu Uvula Amehlo Ezimpumputhe Ezimbili
(Mak. 10:46)
29 Kuthe sebephuma eJerikho, balandelwa yisixuku esikhulu. 30Kwakuhleli izimpumputhe ezimbili ngasendleleni. Zathi zingezwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza zathi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!”
31Kepha isixuku sazikhuza, sathi azithule, kodwa zamemeza kakhulu kunakuqala, zithi: “Sihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide!”
32UJesu wema, wazibiza wathi: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?”
33Zathi kuye: “Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke.”
34UJesu waba nesihawu wathinta amehlo azo; zase ziyabona masinyane, zamlandela.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMathewu 20: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume