Kwathi sekusondele izinsuku zokuba enyuselwe ezulwini, wanquma ukuya eJerusalema. Wathumela izithunywa, zamendulela; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungiselele. Kepha awamemukelanga, ngokuba wayelibangise eJerusalema. Abafundi bakhe, oJakobe noJohane, bekubona lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda yini ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwabhubhise na?” Kepha waphenduka, wabathethisa, wathi: “Anazi ukuthi ningabamuphi umoya. Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukuzobhubhisa imiphefumulo yabantu, kodwa ukuzoyisindisa;” base bedlulela komunye wemizana.
Funda NgokukaLuka 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 9:51-56
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo