NgokukaLuka 9:51-56

NgokukaLuka 9:51-56 ZUL59

Kwathi sezizakuphelela izinsuku zokwenyuswa kwakhe, wabhekisa ubuso bakhe ukuya eJerusalema. Wathuma izithunywa phambi kwakhe; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungisele. Kepha awamamukelanga, ngokuba ubuso bakhe babubheke eJerusalema. Kuthe abafundi bakhe oJakobe noJohane sebekubonile lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwaqede, na?” Kepha waguquka, wabakhuza wathi: “Anazi ukuthi ningabomoya muni. Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu kodwa ukuyisindisa,” base beya komunye umuzi.