NgokukaLuka 9:51-56
NgokukaLuka 9:51-56 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi sesifikile isikhathi sokuthi anyuswe, waqinisela ubuso bakhe ukuya eJerusalema. Wathuma izithunywa phambi kwakhe, zahamba, zangena emzaneni wamaSamariya ukuba amlungisele. Kodwa kabamemukelanga, ngoba ubuso bakhe babunjengokuya eJerusalema. Kwathi abafundi bakhe oJakobe noJohane bekubona bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, ubaqothule, njengokuba no-Eliya enza na? Kodwa watshibilika, wabakhuza wathi: Kalikwazi ukuthi lingabomoya onjani. Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu, kodwa ukuyisindisa. Bahamba baya komunye umuzi.
NgokukaLuka 9:51-56 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi sekusondele izinsuku zokuba enyuselwe ezulwini, wanquma ukuya eJerusalema. Wathumela izithunywa, zamendulela; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungiselele. Kepha awamemukelanga, ngokuba wayelibangise eJerusalema. Abafundi bakhe, oJakobe noJohane, bekubona lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda yini ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwabhubhise na?” Kepha waphenduka, wabathethisa, wathi: “Anazi ukuthi ningabamuphi umoya. Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukuzobhubhisa imiphefumulo yabantu, kodwa ukuzoyisindisa;” base bedlulela komunye wemizana.
NgokukaLuka 9:51-56 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi sezizakuphelela izinsuku zokwenyuswa kwakhe, wabhekisa ubuso bakhe ukuya eJerusalema. Wathuma izithunywa phambi kwakhe; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungisele. Kepha awamamukelanga, ngokuba ubuso bakhe babubheke eJerusalema. Kuthe abafundi bakhe oJakobe noJohane sebekubonile lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwaqede, na?” Kepha waguquka, wabakhuza wathi: “Anazi ukuthi ningabomoya muni. Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu kodwa ukuyisindisa,” base beya komunye umuzi.
NgokukaLuka 9:51-56 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)