NgokukaLuka 9

9
Ukuthunywa Kwabaphostoli
(Mat. 10:1; Mak. 6:7)
1UJesu esebabizele kuye abali-12, wabanika amandla negunya lokukhipha amadimoni nokuphilisa abagulayo. 2Wabathuma ukuba bashumayele ngombuso kaNkulunkulu nokuba baphilise abagulayo. 3 Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela: naludondolo, nasikhwama sokuthekela, nasinkwa, namali; ningawaphathi amabhantshi amabili. 4Noma yiyiphi indlu eningenisa kuyo, hlalani kuyo, nize nihambe lapho. 5 Bonke abangayukunamukela, anothi uma senisuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, ukuze kube ngubufakazi obumelene nabo.”
6Baphuma-ke, badabula imizi ngemizi, bevangela, futhi bephilisa abagulayo ezindaweni zonke.
Ukubulawa KukaJohane UMbhabhadisi
(Mat. 14:1; Mak. 6:14)
7 Kwathi uHerode, uMthethrakhi, ezwa ngakho konke okwakwenzeka, wadideka kakhulu, ngokuba abanye bathi kuye uJohane uvukile kwabafileyo, 8abanye bathi u-Eliya uvukile, nabanye bathi kuvuke umphrofethi othile wasemandulo. 9 Kepha uHerode wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda; pho-ke ngubani lo engizwa ngaye ngalezi zinto na?”
Wafuna ukumbona.
10Sebebuyile abaphostoli, bamlandisa ngakho konke abakwenzileyo; wabathatha, wahamba nabo ngasese, baya emzini okuthiwa yiBhethsayida. 11Kepha izixuku sezazi ngalokho zamlandela; wazemukela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abadinga ukuphiliswa.
UJesu Usuthisa Amadoda Ayizinkulungwane Eziyisihlanu
(Mat. 14:13; Mak. 6:30; Joh. 6:1)
12Kuthe seliyozilahla kunina, abafundi abali-12 beza kuye, bathi: “Baxoshe abantu baye emizaneni nasemakhaya azungezileyo, bangenise khona, ukuba bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.”
13Wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.”
Kepha bathi: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela, ngaphandle-ke uma singahamba siyothengela bonke laba bantu ukudla.”
14Lapho kwakukhona amadoda ayelinganiselwa ezi-5 000.
Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngamaqembu angama-50.”
15Benza kanjalo, babahlalisa bonke. 16Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi ukuba bazabele isixuku sabantu. 17Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, engamaqoma ali-12.
Isivumo SikaPhethro
(Mat. 16:13; Mak. 8:27; Mat. 16:21; Mak. 8:31)
18Kwathi esakhuleka eyedwa, abafundi benaye, wayesebabuza ethi: “Abantu bathi ngingubani na?”
19 Baphendula bathi: “UJohane uMbhabhadisi”, kepha abanye bathi: “Ngu-Eliya”, abanye bathi: “Kuvuke umphrofethi othile wasemandulo.”
20 Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?”
UPhethro waphendula wathi: “UnguKhristu kaNkulunkulu.”
UJesu Ukhuluma Ngokuhlupheka Kwakhe
21Wabadonsa ngendlebe, wabayala ukuba bangakutsheli muntu lokho, 22wathi: “INdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabaphristi abakhulu nezazimthetho, ibulawe, ivuswe ngosuku lwesithathu.”
23 Wayesethi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele. 24 Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha lowo olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukusindisa. 25Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu ukuzuza izwe lonke, kepha yena alahlekelwe noma alimaze ukuphila kwakhe na? 26Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami, iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngalowo lapho iza ngenkazimulo yayo, nekaYise neyezingelosi ezingcwele. 27Kepha nginitshela iqiniso ukuthi bakhona abanye kwabemi lapha abangayukufa, baze bawubone umbuso kaNkulunkulu.”
Ukukhazimuliswa KukaJesu Entabeni
(Mat. 17:1; Mak. 9:2)
28 Kwathi cishe emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili ekukhulumile lokho, wathatha uPhethro, uJohane, noJakobe; wenyukela nabo entabeni ukuba ayokhuleka. 29Esakhuleka, isimo sobuso bakhe saguquka, nezingubo zakhe zaba mhlophe qwa, zacwebezela. 30Kwase kubonakala amadoda amabili, uMose no-Eliya, bekhuluma naye; 31abonakala ngenkazimulo, ekhuluma naye ngohambo lwakhe okumele aluphothule eJerusalema. 32Kepha uPhethro nababenaye babelele zwi, kodwa kuthe sebephapheme, babona inkazimulo yakhe namadoda amabili ayemi naye. 33Kuthe esehlukene naye, uPhethro wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba sibe lapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye kube ngelakho, elinye kube ngelikaMose, elinye kube ngelika-Eliya.”
Wayengazi ukuthi uthini.
34Esakhuluma lokhu, kwafika ifu, labasibekela; besaba lapho ifu libamboza. 35 Kwezwakala izwi efini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ekhethiweyo; yizweni.”
36Kuthe selizwakele izwi, uJesu wabonakala esesele yedwa. Bathula du, abangatshela muntu lokho ababekubonile ngaleyo mihla.
Ukuphulukiswa Komfana Onesithuthwane
(Mat. 17:14; Mak. 9:14)
37Kwathi ngosuku olulandelayo, sebehlile entabeni, isixuku esikhulu samhlangabeza. 38Indoda eyayisesixukwini yamemeza yathi: “Mfundisi, ngiyakunxusa ukuba uzongibonela indodana yami, okungukuphela kwayo. 39Umoya uyayidumela, idazuluke masinyane, uyithele phansi, ikhihlize amagwebu, kuthi uqambe uhamba, ibe isiyimvithi nje. 40Ngibanxusile abafundi bakho ukuba bawukhiphe, kepha behluleka.”
41UJesu waphendula wathi: “Hhawu, sizukulwane esingakholwayo nesonakeleyo, kuyoze kube nini nginani, nginibekezelela na? Yilethe lapha indodana yakho.”
42Kuthe iseza, idimoni layiqumba phansi, layihlukumeza kakhulu; uJesu wawukhuza umoya ongcolileyo, umfana waphiliswa, wayesembuyisela kuyise. 43Bamangala bonke ngamandla amakhulu kaNkulunkulu.
UJesu Ukhuluma Okwesibili Ngokuhlupheka Kwakhe
(Mat. 17:22; Mak. 9:30)
Kuthe besamangele bonke ngakho konke akwenzileyo, wathi kubafundi bakhe: 44“Vulani izindlebe zenu nilalele lawa mazwi, ngokuba iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu.”
45Kabaqondanga ukuthi isho ukuthini inkulumo yakhe, ngokuba yayifihliwe kubo, funa bayiqonde, futhi besaba ukumbuza ngayo.
Ubukhulu Obuyibo
(Mat. 18:1; Mak. 9:33)
46Kwaqubuka impikiswano phakathi kwabo yokuthi ngubani ongomkhulu kubo. 47UJesu eyazi impikiswano esenhliziyweni yabo, wathatha umntwana, wammisa eduze kwakhe, 48 wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana egameni lami, wamukela Mina; ongamukelayo Mina, uyamamukela nongithumileyo, ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.”
Umuntu Okhipha Amadimoni Ngegama LikaJesu
49UJohane waphendula wathi: “Nkosi, sibone umuntu ekhipha amadimoni ngegama lakho, samnqabela, ngokuba engahambisani nathi.”
50 Kepha uJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nani, ungakini.”
AmaSamariya Awamemukeli UJesu
51Kwathi sekusondele izinsuku zokuba enyuselwe ezulwini, wanquma ukuya eJerusalema. 52Wathumela izithunywa, zamendulela; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungiselele. 53Kepha awamemukelanga, ngokuba wayelibangise eJerusalema. 54 Abafundi bakhe, oJakobe noJohane, bekubona lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda yini ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwabhubhise na?”
55Kepha waphenduka, wabathethisa, wathi: “Anazi ukuthi ningabamuphi umoya. 56Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukuzobhubhisa imiphefumulo yabantu, kodwa ukuzoyisindisa;” base bedlulela komunye wemizana.
Ukulandela UJesu
(Mat. 8:18)
57 Kuthe besahamba endleleni, othile wathi kuye: “Ngizakukulandela, noma kuphi lapho uya khona.”
58UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.”
59Wayesethi komunye: “Ngilandele.”
Kepha yena wathi: “Ngivumele ngiyongcwaba ubaba kuqala.”
60Kepha wathi kuye: “Yekela abafileyo bambele abafileyo babo, kodwa wena hamba, ushumayele ngombuso kaNkulunkulu.”
61 Omunye futhi wathi: “Nkosi, ngizakukulandela, kodwa ngivumele ngiyovalelisa kuqala kwabasekhaya.”
62 Kepha uJesu wathi kuye: “Akekho othi esebeke isandla sakhe egejeni, aphinde abheke emuva, owufanele umbuso kaNkulunkulu.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaLuka 9: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo