NgokukaLuka 10

10
Ukuthunywa Kwabafundi Abangamashumi Ayisikhombisa
(Mat. 10:1; Mak. 6:7)
1Sekwedlule konke lokho, iNkosi yakhetha abanye abangama-70, yabathumela ngababili ukuba bayandulele, baye emizini nasezindaweni zonke ezakuya kuzo. 2 Yathi kubo: “Isivuno sikhulu, kepha ziyingcosana izisebenzi, ngakho-ke nxusani ukuba inkosi yokuvuna ithumele izisebenzi esivunweni sayo. 3 Nina hambani, ngiyanithuma; ninjengamawundlu phakathi kwezimpisi. 4 Ningaphathi sikhwama samali, nasikhwama sokuthekela, nazicathulo, futhi ningabingeleli muntu endleleni.
5“Noma iyiphi indlu eningenisa kuyo, niyakuqala nithi: ‘Ukuthula makube kule ndlu.’ 6Uma kukhona lapho umuntu wokuthula, ukuthula kwenu kuyakuhlala phezu kwakhe, kepha uma kungenjalo, kuyakubuyela kini. 7 Hlalani kuleyo ndlu, nidle, niphuze abanipha khona, ngokuba isisebenzi siyifanele inkokhelo yaso. Ningaphumi ningena izindlu ngezindlu.
8“Noma yimuphi umuzi eningena kuwo, banamukele, yidlani lokho abakubeka phambi kwenu, 9baphiliseni abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu ususondele kini.’ 10 Noma yimuphi umuzi eningena kuwo, banganamukeli, phumelani emigwaqweni yawo, nithi: 11‘Ngisho uthuli lomuzi wakini olunamathele ezinyaweni zethu, siluthintithela kini, nokho yazini lokhu ukuthi umbuso kaNkulunkulu ususondele.’ 12 Ngithi kini: kuyakuba ngcono kwabaseSodoma ngalolo lusuku kunakulowo muzi ngomhla wokwehlulela.”
UJesu Usola Imizi Engaphendukanga
(Mat. 11:20)
13 “Maye, kuwe Khorazini! Maye, kuwe Bhethsayida! Ngokuba ukuba le misebenzi yamandla eyenziwe kini beyenziwe eThire naseSidoni, ngabe kade baphenduka, bembatha eyamasaka, bazihuqa ngomlotha. 14Kepha kuyakuba ngcono eThire naseSidoni ngosuku lokwehlulelwa kunakini. 15 Nawe Khaphernawume uthi kambe uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Phinde, uyakwehliselwa eHayidesi.
16 “Onizwayo nina, uyangizwa Mina; onganemukeli nina, akangamukeli Mina; ongangemukeli Mina, akamemukeli ongithumileyo.”
Ukubuya Kwabangamashumi Ayisikhombisa
17Abangama-70 babuya bejabulile, bethi: “Nkosi, ngisho namadimoni ayasithobela ngegama lakho.”
18Kepha wathi kubo: “Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi. 19 Niyabona, ngininike igunya lokunyathela izinyoka nawofezela, naphezu kwamandla wonke esitha; akukho lutho oluyakunilimaza. 20 Nokho ningathokozi ngalokhu ukuthi imimoya iyanithobela, kodwa jabulelani ukuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”
UJesu Ubonga UYise
(Mat. 11:25)
21Ngaleso sikhathi uJesu wathokoza kuMoya oNgcwele, wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwembulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube kanjalo. 22 Konke kunikelwe kimi nguBaba; akekho owaziyo ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumembulela yena.”
23Wayesephendukela kubafundi bakhe, wakhuluma nabo bebodwa, wathi: “Abusisiwe amehlo abona enikubonayo. 24Ngokuba ngithi kini: baningi abaphrofethi namakhosi ababefisa ukubona enikubonayo, kodwa abakubonanga; nokuzwa enikuzwayo, kepha abakuzwanga.”
Umfanekiso WomSamariya Onesihawu
(Mat. 22:34; Mak. 12:28)
25 Kwase kusukuma isazimthetho esithile, samlinga sathi: “Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”
26Wathi kuso: “Kulotshweni emthethweni na? Uwufunda kanjani na?”
27 Saphendula sathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho; umthande nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
28 Wayesethi kuso: “Uphendule kahle; yenza lokho, uzakuphila.”
29Kepha sona sithanda ukuzithetha, sathi kuJesu: “Umakhelwane wami ngubani na?”
30UJesu wathatha wathi: “Umuntu othile wehla eJerusalema eya eJerikho; wazithela phezu kwezigcwelegcwele, zamhlubula izingubo, zamshaya, zahamba, zimshiya sekusele umndondo nje. 31Kwathi kungalindelekile, kwehla umphristi othile ngaleyo ndlela; kuthe lapho embona, wachezuka endleleni. 32Kanjalo nomLevi; kwathi uma efika kuleyo ndawo embona, wamgwema wedlula. 33 Kepha umSamariya othile owayesendleleni, wazithela kuye; kuthe embona, wamhawukela; 34waya kuye, wambopha amanxeba, wathela amafutha newayini kuwo, wamgibelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamnakekela. 35Ngakusasa wakhipha odenariyu ababili, wabanika umninindlu yezihambi, wathi kuye: ‘Mnakekele, zonke izindleko ezenzekayo ngaphezu kwalokhu, ngiyakukukhokhela zona uma sengibuya.’
36“Ngumuphi kulaba abathathu owaba ngumakhelwane walo owazithela phezu kwezigcwelegcwele na?”
37Sathi: “Yilowo owamhawukelayo.”
Wayesethi uJesu kuso: “Hamba wenze kanjalo nawe.”
OMartha NoMariya
38 Besahamba, wangena emzaneni othile; owesifazane mumbe, ogama lakhe nguMartha, wamemukela endlini. 39Wayenodadewabo okuthiwa nguMariya, owahlala ngasezinyaweni zeNkosi, walalela izwi layo. 40Kepha uMartha wayematasatasa, enza imisebenzi eminingi; waya kuJesu, wathi: “Nkosi, akukukhathazi yini ukuthi udadewethu ungishiyile, ngisebenza ngedwa na? Ngakho-ke mtshele angisize.”
41Kepha iNkosi yamphendula, yathi: “Martha, Martha, ukhathazekile futhi uphazanyiswa yizinto eziningi. 42Kepha kunye okudingekileyo; uMariya ukhethe okuyikhona kungcono, angayukwephucwa khona.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaLuka 10: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo