NgokukaLuka 9:1-9

NgokukaLuka 9:1-9 ZUL20

UJesu esebabizele kuye abali-12, wabanika amandla negunya lokukhipha amadimoni nokuphilisa abagulayo. Wabathuma ukuba bashumayele ngombuso kaNkulunkulu nokuba baphilise abagulayo. Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela: naludondolo, nasikhwama sokuthekela, nasinkwa, namali; ningawaphathi amabhantshi amabili. Noma yiyiphi indlu eningenisa kuyo, hlalani kuyo, nize nihambe lapho. Bonke abangayukunamukela, anothi uma senisuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, ukuze kube ngubufakazi obumelene nabo.” Baphuma-ke, badabula imizi ngemizi, bevangela, futhi bephilisa abagulayo ezindaweni zonke. Kwathi uHerode, uMthethrakhi, ezwa ngakho konke okwakwenzeka, wadideka kakhulu, ngokuba abanye bathi kuye uJohane uvukile kwabafileyo, abanye bathi u-Eliya uvukile, nabanye bathi kuvuke umphrofethi othile wasemandulo. Kepha uHerode wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda; pho-ke ngubani lo engizwa ngaye ngalezi zinto na?” Wafuna ukumbona.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 9:1-9