NgokukaLuka 9:1-9

NgokukaLuka 9:1-9 ZUL59

Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo. Wabathuma ukushumayela umbuso kaNkulunkulu nokuphulukisa. Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali, ningabi namabhantshi amabili. Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani lapho, nize nimuke khona. Bonke abanganamukeliyo, anothi nxa nimuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi ngabo.” Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke. Kwathi uHerode umtetrarki* ekuzwa konke okwenzekayo, wasambatheka ngokusho kwabanye ukuthi uJohane uvukile kwabafileyo, ngokwabanye ukuthi u-Eliya ubonakele, ngokwabanye ukuthi kuvukile umprofethi othile kwabadala. Kepha uHerode wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda mina; kodwa ngubani lo engizwa ngaye okunje?” Wafuna ukumbona.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 9:1-9