NgokukaLuka 5:33-39

NgokukaLuka 5:33-39 ZUL20

Base bethi kuye: “Abafundi bakaJohane bazila kaningi, futhi bakhuleke, kanjalo nababaFarisi, kodwa abakho bayadla, bayaphuza.” Kepha uJesu wathi kubo: “Ikhetho ningalenza yini lizile nxa umyeni esenalo na? Kepha izinsuku ziyeza lapho umyeni eyakususwa kulo, liyakuzila-ke ngalezo zinsuku.” Wabatshela futhi nomzekeliso othi: “Akukho muntu oklebhula isichibi engutsheni entsha achibele ngaso ingubo endala. Uma enza lokho, zombili ziyakuklebhuka, isichibi esisha siklebhule ingubo endala. Akukho muntu futhi othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini elisha lidabule izimvaba, lichitheke, bese konakala nezimvaba. Kepha iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha. Akukho muntu othi esephuze iwayini elidala, abuye afune elisha, ngokuba uthi elidala limnandi.”