NgokukaLuka 5:33-39

NgokukaLuka 5:33-39 ZUL59

Base bethi kuye: “Abafundi bakaJohane bazila kaningi, benze imikhuleko, kanjalo nababaFarisi, kepha abakho bayadla, baphuze.” Kepha uJesu, wathi kubo: “Ningabazilisa yini abayeni, umyeni esenabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona bezakuzila ngalezo zinsuku.” Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Akakho odabula isiziba engutsheni entsha, asibekele engutsheni endala; uma enza lokho, uyayona entsha, futhi isiziba sentsha asizukuzwana nendala. Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala funa iwayini elisha liqhumise izimvaba, lichitheke lona, nezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha. Akakho othi ephuze iwayini elidala, afune elisha, ngokuba uthi elidala limnandi.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo