Luka 5:33-39

Luka 5:33-39 CZB24

Basebesithi kuye: Kungani abafundi bakaJohane bezila ukudla kanengi, bakhuleka, ngokunjalo labafundi babaFarisi; kepha abakho bayadla, baphuze na? Wathi kubo: Ningabazilisa yini abantwana bomyeni, umyeni esenabo na? Kodwa zizafika insuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; Wayesebalandisa nomfanekiso; Akakho obekela isiziba sengubo entsha engutsheni endala; uma kungenjalo, esitsha siyaklebhuka, nesiqeshana esikhishwe kwesitsha asihambisani nendala. Akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala; uba-ke iwayini elitsha lizaqhuma izimvaba, lichitheke, lezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha; futhi zombili ziyalondolozwa. Akakho othi ephuze iwayini elidala ahle afune elisha, ngokuba uthi: Elidala lingcono

Funda Luka 5