NgokukaLuka 5

5
Ukubizwa Kwabafundi
(Mat. 4:18; Mak. 1:16)
1 Kwathi uJesu emi ngasolwandle iGenezaretha, isixuku samngunga ukuze sizwe izwi likaNkulunkulu. 2Wabona izikebhe ezimbili zimi ngasolwandle, abadobi babengekho kuzo, besahlanza amanetha. 3Wangena kwesinye sezikebhe okwakungesikaSimoni, wamcela ukuba athi ukuqhela kancane emhlabathini. UJesu wahlala phansi, wasifundisa isixuku esesikebheni. 4 Eseqedile ukukhuluma, wathi kuSimoni: “Qhubekela ekujuleni, nehlise amanetha enu, nibambe.”
5 USimoni waphendula, wathi: “Nkosi, sisebenze ubusuku bonke, kodwa asibambanga lutho. Kepha njengoba usho, ngizakuwehlisa amanetha.”
6Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, aze amanetha abo aqala ukudabuka. 7Baqhweba abangani babo abakwesinye isikebhe ukuba beze, babasize. Beza-ke, bagcwalisa zombili izikebhe, zaze zacishe zazika.
8Kuthe uSimoni Phethro ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.”
9Phela yena kanye nabo bonke bamangaliswa ukubona ubuningi bezinhlanzi ababezibambile, 10kanjalo noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesizana noSimoni.
UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje usuzakudoba abantu.”
11 Kuthe izikebhe sebezisondeze emhlabathini, bashiya phansi konke, bamlandela uJesu.
UJesu Uphilisa Indoda Enochoko
(Mat. 8:1; Mak. 1:40)
12Kwathi ekomunye wemizi; kwafika indoda eyayigcwele uchoko. Kuthe imbona uJesu, yawa ngobuso, yamnxusa ithi: “Nkosi, uma uthanda ungangihlambulula.”
13UJesu welula isandla sakhe, wayithinta, wathi: “Ngiyathanda, hlambuluka.”
Masinyane uchoko lwaphela kuyo.
14 Wayiyala ukuba ingatsheli muntu, kepha wathi: “Hamba, uzibonakalise kumphristi, unikele umnikelo wokuhlanjululwa kwakho njengalokhu uMose wayala, kube ngubufakazi kubo.”
15Kepha imibiko ngaye yasabalala kakhulu. Izixuku eziningi zaba naye ukuze zilalele, futhi ziphulukiswe ezifweni zazo. 16Kepha uJesu wamonyuka, waya ehlane, ukuyokhuleka.
UJesu Uphilisa Umuntu Ofe Uhlangothi
(Mat. 9:1; Mak. 2:1)
17Ngolunye lwalezo zinsuku uJesu efundisa, kwakuhleli lapho abaFarisi nezazimthetho ababephuma kuzo zonke izifunda eGalile, eJudiya naseJerusalema. Amandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise. 18Kwafika amadoda ethwele ngohlaka umuntu ofe uhlangothi. Ayefuna ukungena naye endlini, ambeke phambi kukaJesu. 19Kepha lapho engayitholi indlela yokumngenisa ngenxa yesixuku, agibela ophahleni lwendlu, aluqaqa, amehlisela phansi ngohlaka phambi kukaJesu.
20UJesu ekubona ukukholwa kwawo, wathi: “Mngani, uthethelelwe izono zakho.”
21Izazimthetho nabaFarisi baqala ukuphikisana, bethi: “Ngubani lo muntu ohlambalazayo na? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu kuphela na?”
22Kepha uJesu eyazi imidlinzo yabo, waphendula, wathi kubo: “Nidlinzelani ezinhliziyweni zenu na? 23Yikuphi okulula ukukusho, ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ngukuthi: ‘Vuka uhambe na?’ 24Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inegunya lokuthethelela izono emhlabeni,” wathi kofe uhlangothi: “Ngithi kuwe: vuka uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”
25Wasukuma masinyane bebuka, wathatha uhlaka ayelele kulo, wahamba waya endlini yakhe, emdumisa uNkulunkulu. 26Bonke bathuthumela, base bemdumisa uNkulunkulu futhi begcwele ukwesaba, bathi: “Sibone izinto ezimangalisayo namuhla.”
UJesu Ubiza ULevi
27Emveni kwalokho uJesu waphuma, wabona umthelisi ogama lakhe nguLevi, ehleli endaweni okuthelwa kuyo, wathi kuye: “Ngilandele.”
28Wakushiya konke, wasukuma, wamlandela.
29ULevi wamenzela uJesu idili elikhulu endlini yakhe. Kwakukhona isixuku sabathelisi esikhulu nabanye ababehleli nabo esidlweni. 30 AbaFarisi nezazimthetho bakhononda kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?”
31UJesu waphendula, wathi kubo: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa labo abagulayo kuphela. 32 Kangizanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni, ukuze ziphenduke.”
Ukuzila Ukudla
(Mat. 9:14; Mak. 2:18)
33Base bethi kuye: “Abafundi bakaJohane bazila kaningi, futhi bakhuleke, kanjalo nababaFarisi, kodwa abakho bayadla, bayaphuza.”
34Kepha uJesu wathi kubo: “Ikhetho ningalenza yini lizile nxa umyeni esenalo na? 35Kepha izinsuku ziyeza lapho umyeni eyakususwa kulo, liyakuzila-ke ngalezo zinsuku.”
36Wabatshela futhi nomzekeliso othi: “Akukho muntu oklebhula isichibi engutsheni entsha achibele ngaso ingubo endala. Uma enza lokho, zombili ziyakuklebhuka, isichibi esisha siklebhule ingubo endala. 37Akukho muntu futhi othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini elisha lidabule izimvaba, lichitheke, bese konakala nezimvaba. 38Kepha iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha. 39Akukho muntu othi esephuze iwayini elidala, abuye afune elisha, ngokuba uthi elidala limnandi.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaLuka 5: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo