Kuthe besakhuluma ngalezi zinto, uJesu uqobo wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kini.” Kepha bona bethuka kakhulu, kwaphela nasozwaneni becabanga ukuthi babona umungcwi. Wayesethi kubo: “Nethuswa yini na? Kungani ningabaza ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yiMina uqobo. Ngithinteni, nizibonele, ngokuba umungcwi awunanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.” Esekushilo lokho wabakhombisa izandla nezinyawo. Kepha babengakholwa ngenxa yentokozo nokumangala, wathi kubo: “Ninakho yini ukudla lapha na?” Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo. Walithatha, walidla bebuka. Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi engawakhuluma ngisenani, ngathi: ‘Kumele ukuba kugcwaliseke konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, kubaphrofethi, nasemaHubweni.’ ” Wayeseyivula imiqondo yabo ukuze bayiqonde imibhalo. Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uKhristu uzakuhlupheka, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu. Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke; kuqalwe eJerusalema. Nina-ke ningofakazi balezi zinto. Sengiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kodwa hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.”
Funda NgokukaLuka 24
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 24:36-49
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo