NgokukaLuka 24:36-49

NgokukaLuka 24:36-49 ZUL59

Besakhuluma lokho, yena uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.” Kepha bashaywa luvalo, besaba bethi babona ithongo. Wayesethi kubo: “Nikhathazekeleni na? Kuvelelani imizindlo ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngiphatheni, nibone, ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.” Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo. Kepha bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala, wathi kubo: “Ninakho ukudla lapha na?” Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi. Wakuthatha, wadla phambi kwabo. Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ” Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo. Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu, kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema. Nina-ke ningofakazi balezi zinto. Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba; kepha hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.”

Ama vidiyo ahlobene nalokhu