NgokukaLuka 24:36-49
NgokukaLuka 24:36-49 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi besakhuluma lokho, uJesu uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: Ukuthula makube kini. Kepha bethuka, bethuka, bethi babone ithongo. Wathi kubo: Nikhathazekeleni na? Kuvelelani izizindlo ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho. Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo. Kodwa bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala, wathi kubo: Lilokudla lapha yini? Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi. Wakuthatha, wadla phambi kwabo. Wathi kubo: Lawa angamazwi engawakhuluma kini ngisenani, ukuthi kumele kugcwaliseke konke okulotshiweyo emlayweni kaMozisi, lakubaprofethi, lemahutsheni, mina. Wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo; Wathi kubo: Kulotshiwe kanje, lokuthi uKhristu umelwe ukuhlupheka, njalo avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu. Kutshunyayelwe ebizweni lakhe ukuphenduka lokuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema. Nina-ke ningofakazi balezi zinto. Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kepha hlalani emzini waseJerusalema, nize nembathiswe amandla avela phezulu.
NgokukaLuka 24:36-49 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe besakhuluma ngalezi zinto, uJesu uqobo wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kini.” Kepha bona bethuka kakhulu, kwaphela nasozwaneni becabanga ukuthi babona umungcwi. Wayesethi kubo: “Nethuswa yini na? Kungani ningabaza ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yiMina uqobo. Ngithinteni, nizibonele, ngokuba umungcwi awunanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.” Esekushilo lokho wabakhombisa izandla nezinyawo. Kepha babengakholwa ngenxa yentokozo nokumangala, wathi kubo: “Ninakho yini ukudla lapha na?” Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo. Walithatha, walidla bebuka. Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi engawakhuluma ngisenani, ngathi: ‘Kumele ukuba kugcwaliseke konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, kubaphrofethi, nasemaHubweni.’ ” Wayeseyivula imiqondo yabo ukuze bayiqonde imibhalo. Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uKhristu uzakuhlupheka, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu. Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke; kuqalwe eJerusalema. Nina-ke ningofakazi balezi zinto. Sengiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kodwa hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.”
NgokukaLuka 24:36-49 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Besakhuluma lokho, yena uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.” Kepha bashaywa luvalo, besaba bethi babona ithongo. Wayesethi kubo: “Nikhathazekeleni na? Kuvelelani imizindlo ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngiphatheni, nibone, ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.” Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo. Kepha bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala, wathi kubo: “Ninakho ukudla lapha na?” Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi. Wakuthatha, wadla phambi kwabo. Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ” Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo. Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu, kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema. Nina-ke ningofakazi balezi zinto. Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba; kepha hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.”
NgokukaLuka 24:36-49 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)