NgokukaLuka 24

24
Ukuvuka KukaJesu
(Mat. 28:1; Mak. 16:1; Joh. 20:1)
1Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kusantwela ezansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile. 2Bafica itshe ligingqiwe ethuneni. 3Kuthe sebengenile, bangasithola isidumbu seNkosi uJesu. 4Kwathi besakhungathekile yilokho, babona nanko amadoda amabili emi eduze kwabo, egqoke izingubo ezicwebezelayo. 5Besaba, base bekhothama bathi mbo ngobuso phansi, ayesethi kubo: “Nimfunelani ophilayo kwabafileyo na? 6 Akekho lapha; uvukile. Khumbulani ukuthi wakhuluma wathini kini eseseGalile, 7ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukunikelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, bese ivuka ngosuku lwesithathu.’ ”
8Base bewakhumbula-ke amazwi akhe.
9Kuthe sebebuyile ethuneni, babika konke lokho kwabali-11, nakubo bonke abanye. 10KwakunguMariya Magdalena, uJowana, uMariya unina kaJakobe nabanye, ababikela abaphostoli lezo zinto. 11Kepha lawo mazwi eyefana nembudane nje kubaphostoli, abawakholwanga neze. 12Nokho uPhethro wasukuma, wagijima eqonde ethuneni, wafike walunguza, wazibona izindwangu zelineni zisele zodwa. Wayesehamba, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo.
Abafundi Abaya Emawuse
13Kwaba nabafundi ababili ababehamba ngalolo lusuku, beya emzaneni okuthiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema, amastadiyu angama-60. 14Babehamba bexoxa ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo. 15Besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo. 16Kepha wafihlakala kubo, bangambona ukuthi ungubani. 17Wayesethi kubo: “Zindaba zini lezi enihamba nizidingida na?”
Base bema bedangele. 18Omunye wabo, ogama lakhe nguKleyophase, waphendula, wathi kuye: “Ngabe nguwe wedwa yini oyisihambi eJerusalema, ongazazi izinto ezenzekileyo khona kulezi zinsuku na?”
19Wayesethi kubo: “Zinto zini na?”
Bathi: “NgoJesu waseNazaretha, obengumphrofethi onamandla ngezenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke, 20nokuthi abaphristi abakhulu nababusi bethu bamnikela kanjani ukuba agwetshelwe ukufa, bambethele esiphambanweni. 21Thina-ke besethembile ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli. Kepha sekuwusuku lwesithathu zenzekile zonke lezi zinto. 22Phezu kwalokho abesifazane abathile bakithi basethusile, abebeyile ethuneni ekuseni ngovivi. 23Kuthe uma bengasitholi isidumbu sakhe, bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithe uyaphila. 24Nabanye bethu bayile ethuneni, bafica kunjengokuba beshilo abesifazane, kodwa Yena uqobo abambonanga.”
25UJesu wayesethi kubo: “Maye, nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke okwashiwo abaphrofethi! 26 Kanti uKhristu ubengamelwe yini ukuba ahlupheke ngalokho, bese engena enkazimulweni yakhe na?”
27 Wayesebachazela konke okusemibhalweni ngaye, kusukela kuMose nakubaphrofethi bonke.
28Base besondela emzaneni ababeya kuwo. Yena washaya sengathi uyedlula lapho, 29kodwa bamncengisisa, bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.”
Wangena wahlala nabo.
30Kuthe esehleli nabo sebezokudla, wathatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona. 31Ayesevuleka amehlo abo, bambona ukuthi ungubani, wayesenyamalala kubo. 32Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, ngesikhathi ekhuluma nathi endleleni, esichazela imibhalo na?”
33Basuka ngaleso sikhathi, babuyela eJerusalema, bafica abali-11 behlangene ndawonye nabanye ababenabo, 34bethi: “Nembala iNkosi ivukile, izibonakalisile kuSimoni.”
35Base nabo bebalandisa ngokwakwenzeke endleleni, nokuthi bayazi kanjani ukuthi yiyo iNkosi, ngokuhlephula isinkwa.
UJesu Uzibonakalisa Kubafundi Bonke
(Mak. 16:14; Joh. 20:19)
36Kuthe besakhuluma ngalezi zinto, uJesu uqobo wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kini.”
37Kepha bona bethuka kakhulu, kwaphela nasozwaneni becabanga ukuthi babona umungcwi. 38Wayesethi kubo: “Nethuswa yini na? Kungani ningabaza ezinhliziyweni zenu na? 39Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yiMina uqobo. Ngithinteni, nizibonele, ngokuba umungcwi awunanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.”
40Esekushilo lokho wabakhombisa izandla nezinyawo. 41Kepha babengakholwa ngenxa yentokozo nokumangala, wathi kubo: “Ninakho yini ukudla lapha na?”
42Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo. 43Walithatha, walidla bebuka.
44Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi engawakhuluma ngisenani, ngathi: ‘Kumele ukuba kugcwaliseke konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, kubaphrofethi, nasemaHubweni.’ ”
45Wayeseyivula imiqondo yabo ukuze bayiqonde imibhalo. 46Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uKhristu uzakuhlupheka, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu. 47 Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke; kuqalwe eJerusalema. 48Nina-ke ningofakazi balezi zinto. 49 Sengiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kodwa hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.”
UJesu Wenyuselwa Ezulwini
(Mak. 16:19; IZen. 1:9)
50Wayesebahola, baphuma baze bayofika eBhethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. 51Kuthe esababusisa, wasuka kubo, wenyuselwa ezulwini. 52Bakhuleka kuye, base bebuyela eJerusalema benokuthokoza okukhulu. 53Babekhona njalo ethempelini, bemdumisa uNkulunkulu.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaLuka 24: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo