NgokukaLuka 10:21-24

NgokukaLuka 10:21-24 ZUL20

Ngaleso sikhathi uJesu wathokoza kuMoya oNgcwele, wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwembulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube kanjalo. Konke kunikelwe kimi nguBaba; akekho owaziyo ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumembulela yena.” Wayesephendukela kubafundi bakhe, wakhuluma nabo bebodwa, wathi: “Abusisiwe amehlo abona enikubonayo. Ngokuba ngithi kini: baningi abaphrofethi namakhosi ababefisa ukubona enikubonayo, kodwa abakubonanga; nokuzwa enikuzwayo, kepha abakuzwanga.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 10:21-24