NgokukaLuka 10:21-24

NgokukaLuka 10:21-24 ZUL59

Ngasona leso sikhathi wathokoza ngoMoya oNgcwele, wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokho kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo. Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.” Waphendukela kubafundi bebodwa, wathi: “Abusisiwe amehlo abona enikubonayo. Ngokuba ngithi kini: Baningi abaprofethi namakhosi ababethanda ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 10:21-24