Sekwedlule konke lokho, iNkosi yakhetha abanye abangama-70, yabathumela ngababili ukuba bayandulele, baye emizini nasezindaweni zonke ezakuya kuzo. Yathi kubo: “Isivuno sikhulu, kepha ziyingcosana izisebenzi, ngakho-ke nxusani ukuba inkosi yokuvuna ithumele izisebenzi esivunweni sayo. Nina hambani, ngiyanithuma; ninjengamawundlu phakathi kwezimpisi. Ningaphathi sikhwama samali, nasikhwama sokuthekela, nazicathulo, futhi ningabingeleli muntu endleleni. “Noma iyiphi indlu eningenisa kuyo, niyakuqala nithi: ‘Ukuthula makube kule ndlu.’ Uma kukhona lapho umuntu wokuthula, ukuthula kwenu kuyakuhlala phezu kwakhe, kepha uma kungenjalo, kuyakubuyela kini. Hlalani kuleyo ndlu, nidle, niphuze abanipha khona, ngokuba isisebenzi siyifanele inkokhelo yaso. Ningaphumi ningena izindlu ngezindlu. “Noma yimuphi umuzi eningena kuwo, banamukele, yidlani lokho abakubeka phambi kwenu, baphiliseni abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu ususondele kini.’ Noma yimuphi umuzi eningena kuwo, banganamukeli, phumelani emigwaqweni yawo, nithi: ‘Ngisho uthuli lomuzi wakini olunamathele ezinyaweni zethu, siluthintithela kini, nokho yazini lokhu ukuthi umbuso kaNkulunkulu ususondele.’ Ngithi kini: kuyakuba ngcono kwabaseSodoma ngalolo lusuku kunakulowo muzi ngomhla wokwehlulela.”
Funda NgokukaLuka 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 10:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo