NgokukaLuka 10:1-12

NgokukaLuka 10:1-12 ZUL59

Emva kwalokho iNkosi yamisa abanye abangamashumi ayisikhombisa, yabathumela ngababili phambi kwayo emizini nasezindaweni zonke ebizakuya kuzo yona. Yathi kubo: “Ukuvuna kukhulu, kepha izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke nxusani inkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo. Hambani; bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi. Ningaphathi sikhwama, nayika, nazicathulo, ningabingeleli muntu endleleni. “Nakuyiphi indlu eningena kuyo, qalani nithi: ‘Ukuthula makube kule ndlu.’ Kuyakuthi uma kukhona lapho indodana yokuthula, ukuthula kwenu kohlala phezu kwayo; kepha uma kungenjalo, kuzakubuyela kini. Hlalani kuleyo ndlu, nidle, niphuze abanipha khona; ngokuba isisebenzi sifanele inkokhelo yaso. Ningangenisi ezindlini ngezindlu. “Nakumuphi umuzi eningena kuwo, benamukele, yidlani okubekwa phambi kwenu, niphulukise abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.’ Kepha nakumuphi umuzi eningena kuwo, benganamukeli, phumelani ezitaladini zawo, nithi: ‘Nothuli lomuzi wenu olunamathele ezinyaweni zethu siyaluhlangulela kini; nokho-ke yazini lokhu ukuthi umbuso kaNkulunkulu usondele.’ Ngithi kini: Kuyakuba ngcono kwabaseSodoma ngalolo suku kunakulowo muzi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 10:1-12