UJobe 4:12-21

UJobe 4:12-21 ZUL20

“Izwi lafika isinyenyela kimi, indlebe yami yezwa ukunyenyeza kwalo. Phakathi kwemicabango yemibono yasebusuku, lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima, ngafikelwa yingebhe nokuthuthumela okwaqhaqhazelisa wonke amathambo ami. Kwedlula umoya ebusweni bami, waqubula uhlevane esikhumbeni sami. Kwema kwathi phuhle, kodwa angikwazanga ukubona isimo sakho. Kwakumi okuthile phambi kwami, ngezwa ukunyenyeza nezwi, lithi: ‘Umuntu angalunga yini kunoNkulunkulu na? Umuntu uhlambulukile yini kunoMenzi wakhe na? Bheka, akethembi ngisho izinceku zakhe, nezingelosi zakhe uzibeka icala. Kakhulu kangakanani-ke labo abahlezi ezindlini zodaka, abasisekelo sabo sisothulini, abachotshozwa njengenundu na? Kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa bayagxotshwa, bayabhubha kuze kube phakade kungekho nonake utho ngabo. Intambo yethende labo ayibhonculiwe yini kubo, futhi bafe bengenakho ukuhlakanipha na?’ ”

Funda UJobe 4