UJobe 4

4
Inkulumo Yokuqala Ka-Elifazi
Umuntu Angalunga Yini KunoNkulunkulu Na?
1U-Elifazi umThemani, waphendula, wathi:
2 “Uma umuntu ezama ukukhuluma nawe,
uzokhathazeka yini na?
Ngubani ongazibamba angasho lutho na?
3 Yebo, ubafundisile abaningi,
waqinisa izandla ezintekenteke.
4Amazwi akho aphakamisa okhubekayo,
aqinisa amadolo antekenteke naxegayo.
5 “Uma sekufike kuwe, awusenasineke.
Uma sekuthinta wena uyadangala.
6Ukwesaba kwakho uNkulunkulu
akusilo yini ithemba lakho,
nokwethembeka kwezindlela zakho,
akusiso yini isisekelo sakho na?
7 Ake ukhumbule ukuthi
ngubani owake
wabhujiswa engenacala na?
Babhujiswa kuphi abalungileyo na?
8 Ngibabonile abahlwanyela inkohlakalo,
nabalima inkathazo, bavuna inhlupheko.
9 Ngokuphephetha kukaNkulunkulu bayabhubha,
ngomoya wentukuthelo yakhe, bayashabalala.
10 Ukubhodla kwengonyama,
nomsindo webhubesi, kuyathula,
namazinyo amabhongo amabhubesi ayephuka.
11 Ibhubesi elinamandla liyafa
ngenxa yokweswela impango,
amawundlu ebhubesi ayahlakazeka.
12 “Izwi lafika isinyenyela kimi,
indlebe yami yezwa ukunyenyeza kwalo.
13Phakathi kwemicabango yemibono yasebusuku,
lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,
14ngafikelwa yingebhe nokuthuthumela
okwaqhaqhazelisa wonke amathambo ami.
15Kwedlula umoya ebusweni bami,
waqubula uhlevane esikhumbeni sami.
16Kwema kwathi phuhle,
kodwa angikwazanga
ukubona isimo sakho.
Kwakumi okuthile phambi kwami,
ngezwa ukunyenyeza nezwi, lithi:
17 ‘Umuntu angalunga yini kunoNkulunkulu na?
Umuntu uhlambulukile yini kunoMenzi wakhe na?
18 Bheka, akethembi
ngisho izinceku zakhe,
nezingelosi zakhe uzibeka icala.
19 Kakhulu kangakanani-ke
labo abahlezi ezindlini zodaka,
abasisekelo sabo sisothulini,
abachotshozwa njengenundu na?
20 Kusukela ekuseni
kuze kube kusihlwa bayagxotshwa,
bayabhubha kuze kube phakade
kungekho nonake utho ngabo.
21 Intambo yethende labo
ayibhonculiwe yini kubo,
futhi bafe bengenakho ukuhlakanipha na?’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume