UJobe 4:12-21
UJobe 4:12-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Izwi lafika isinyenyela kimi, indlebe yami yezwa ukunyenyeza kwalo. Phakathi kwemicabango yemibono yasebusuku, lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima, ngafikelwa yingebhe nokuthuthumela okwaqhaqhazelisa wonke amathambo ami. Kwedlula umoya ebusweni bami, waqubula uhlevane esikhumbeni sami. Kwema kwathi phuhle, kodwa angikwazanga ukubona isimo sakho. Kwakumi okuthile phambi kwami, ngezwa ukunyenyeza nezwi, lithi: ‘Umuntu angalunga yini kunoNkulunkulu na? Umuntu uhlambulukile yini kunoMenzi wakhe na? Bheka, akethembi ngisho izinceku zakhe, nezingelosi zakhe uzibeka icala. Kakhulu kangakanani-ke labo abahlezi ezindlini zodaka, abasisekelo sabo sisothulini, abachotshozwa njengenundu na? Kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa bayagxotshwa, bayabhubha kuze kube phakade kungekho nonake utho ngabo. Intambo yethende labo ayibhonculiwe yini kubo, futhi bafe bengenakho ukuhlakanipha na?’ ”
UJobe 4:12-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kwanyenyiselwa kimi izwi, indlebe yami yabamba ukunyenyezwa kwalo. Ngokudlala kwemicabango ivuswe yimibono yasebusuku, lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima, ngafikelwa yingebhe nokuthuthumela okwaqhaqhazelisa onke amathambo ami. Kwadlula umoya ebusweni bami; uboya bomzimba wami bavuka. Kwema okuthile, kepha angaqonda ukubonakala kwakho; isimo sasiphambi kwamehlo ami; kwathula; ngase ngizwa izwi, lathi: ‘Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na? Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na? Bheka, nasezincekwini zakhe akethembi, nezingelosi zakhe uyazibeka icala; kakhulu kangakanani abahlezi ezindlini zodaka, abazisekelo zabo zisothulini, abachotshozwa njengenundu. Bagxotshwa kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa; babhubha kuze kube phakade benganakwa muntu. Intambo yetende labo ayisishulwa yini phakathi kwabo, bafe bengazelele, na?’
UJobe 4:12-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Manje kwalethwa kimi okuthile ngasese, futhi indlebe yami yemukela okuncane kwakho. Ngemicabango yemibono yasebusuku, lapho ubuthongo obunzima behlela abantu, Ngehlelwa yingebhe nokuthuthumela, okwathuthumela onke amathambo ami. Kwase kudlula umoya phambi kobuso bami; izinwele zenyama yami zasukuma; Wema, kepha angikwazanga ukuhlukanisa isimo sawo; isithombe sasiphambi kwamehlo ami, kwathula, ngezwa izwi lithi: Ingabe umuntu ofayo uyolunga ngaphezu kukaNkulunkulu? Umuntu angaba msulwa kunoMenzi wakhe na? Bheka, akazethembanga izinceku zakhe; wazilaya izingelosi zakhe ngobuwula. Kakhulu kangakanani ngalabo abahlala ezindlini zodaka, abazisekelo zabo zisothulini, abachotshozwayo phambi kwenundu? Bayachithwa kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa; Ubuhle babo obukubo abusuki na? bayafa bengenakuhlakanipha.