UJobe 4:12-21

UJobe 4:12-21 ZUL59

“Kwanyenyiselwa kimi izwi, indlebe yami yabamba ukunyenyezwa kwalo. Ngokudlala kwemicabango ivuswe yimibono yasebusuku, lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima, ngafikelwa yingebhe nokuthuthumela okwaqhaqhazelisa onke amathambo ami. Kwadlula umoya ebusweni bami; uboya bomzimba wami bavuka. Kwema okuthile, kepha angaqonda ukubonakala kwakho; isimo sasiphambi kwamehlo ami; kwathula; ngase ngizwa izwi, lathi: ‘Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na? Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na? Bheka, nasezincekwini zakhe akethembi, nezingelosi zakhe uyazibeka icala; kakhulu kangakanani abahlezi ezindlini zodaka, abazisekelo zabo zisothulini, abachotshozwa njengenundu. Bagxotshwa kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa; babhubha kuze kube phakade benganakwa muntu. Intambo yetende labo ayisishulwa yini phakathi kwabo, bafe bengazelele, na?’

Funda UJobe 4

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo