UJobe 36:15-23

UJobe 36:15-23 ZUL20

Ukhulula ompofu ngobuphofu bakhe, avule indlebe yabo ngokuhlupheka. “Impela uyakukukhulula osizini, akubeke endaweni ebanzi, lapho kungekho ukunyinyeka khona, kubekwe okunonile etafuleni lakho. Kepha wena uhluphekile ngokuthi izikhohlakali ziyakujeziswa yini; ukwehlulela nobulungiswa kuyokwenziwa. Qaphela ingcebo, ingakuyengi, ungachezukiswa ngubukhulu bokufunjathiswayo. Ukuceba kwakho, nayo yonke imizamo yezikhwepha zakho, kungakusiza yini ukuba ungabi sosizini na? Ungabulangazaleli ubusuku lapho abantu bebhujiswa ezindaweni zabo. Qaphela, ungaphendukeli ebubini, ngokuba ngalokho uyobe uzikhethele usizi. “UNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe; ngubani ofundisa njengaye na? Ngubani ombekele indlela azohamba ngayo na? Ngubani ongathi: ‘Wenze okungalungile’ na?

Funda UJobe 36

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo