UJobe 36:15-23
UJobe 36:15-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ukhulula ompofu ngobuphofu bakhe, avule indlebe yabo ngokuhlupheka. “Impela uyakukukhulula osizini, akubeke endaweni ebanzi, lapho kungekho ukunyinyeka khona, kubekwe okunonile etafuleni lakho. Kepha wena uhluphekile ngokuthi izikhohlakali ziyakujeziswa yini; ukwehlulela nobulungiswa kuyokwenziwa. Qaphela ingcebo, ingakuyengi, ungachezukiswa ngubukhulu bokufunjathiswayo. Ukuceba kwakho, nayo yonke imizamo yezikhwepha zakho, kungakusiza yini ukuba ungabi sosizini na? Ungabulangazaleli ubusuku lapho abantu bebhujiswa ezindaweni zabo. Qaphela, ungaphendukeli ebubini, ngokuba ngalokho uyobe uzikhethele usizi. “UNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe; ngubani ofundisa njengaye na? Ngubani ombekele indlela azohamba ngayo na? Ngubani ongathi: ‘Wenze okungalungile’ na?
UJobe 36:15-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ukhulula ompofu ngobumpofu bakhe, avule indlebe yabo ngokuhlupheka. “Yebo, nga ekuvusa ukuba uphume emlonyeni wosizi, uye endaweni ebanzi, lapho kungekho kunyinyeka khona, kunone okubekwa etafuleni lakho. Kepha ugcwele ukwahlulelwa kwababi; ukwahlulela nokulunga kuyakubamba. Xwaya ukuba ulaka lungakuvusi usashaywa, ungachezukiswa ngobuningi bamahlawulo. Ukukhala kwakho kungakusiza ukuba ungahlali osizini, nazo zonke izikhwepha zamandla akho, na? Ungafisi ubusuku, lapho abantu beyakususwa ezindaweni zabo. Xwaya ukuba ungabhekisi ubuso bakho ebubini, ngokuba ukhethile lokho kunokuhlupheka. “Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe; ngubani ofundisa njengaye na? Ngubani ommisele indlela yakhe na? Ngubani ongasho ukuthi: ‘Wenzile okubi,’ na?
UJobe 36:15-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Uyabasindisa abampofu osizini, avule izindlebe zabo ekuhluphekeni. Kanjalo ubeyakunisusa ekubandezelekeni, akuyise endaweni ebanzi lapho kungekho khona usizi; okubekwe phezu kwetafula lakho kuyakugcwala amanoni. Kodwa wena usuqedile ukwahlulelwa kwababi; ukwahlulela nokulunga kuyakubamba. Ngokuba kukhona ulaka, xwayani funa aniphuce ngokushaywa kwakhe; khona-ke isihlengo esikhulu ngeke sikusindise. Iyakunaka ingcebo yakho na? qha, hhayi igolide, noma wonke amandla. Ungafisi ubusuku lapho abantu beyonqunywa endaweni yabo. Qaphela, unganaki ububi, ngokuba ukukhethile kunosizi. Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe; ngubani ofundisa njengaye na? Ngubani owamlaya indlela yakhe? ngubani ongasho ukuthi: ‘Wenzile okubi na?