UJobe 36:15-23

UJobe 36:15-23 CZB24

Uyabasindisa abampofu osizini, avule izindlebe zabo ekuhluphekeni. Kanjalo ubeyakunisusa ekubandezelekeni, akuyise endaweni ebanzi lapho kungekho khona usizi; okubekwe phezu kwetafula lakho kuyakugcwala amanoni. Kodwa wena usuqedile ukwahlulelwa kwababi; ukwahlulela nokulunga kuyakubamba. Ngokuba kukhona ulaka, xwayani funa aniphuce ngokushaywa kwakhe; khona-ke isihlengo esikhulu ngeke sikusindise. Iyakunaka ingcebo yakho na? qha, hhayi igolide, noma wonke amandla. Ungafisi ubusuku lapho abantu beyonqunywa endaweni yabo. Qaphela, unganaki ububi, ngokuba ukukhethile kunosizi. Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe; ngubani ofundisa njengaye na? Ngubani owamlaya indlela yakhe? ngubani ongasho ukuthi: ‘Wenzile okubi na?

Funda UJobe 36