UJobe 36:15-23

UJobe 36:15-23 ZUL59

Ukhulula ompofu ngobumpofu bakhe, avule indlebe yabo ngokuhlupheka. “Yebo, nga ekuvusa ukuba uphume emlonyeni wosizi, uye endaweni ebanzi, lapho kungekho kunyinyeka khona, kunone okubekwa etafuleni lakho. Kepha ugcwele ukwahlulelwa kwababi; ukwahlulela nokulunga kuyakubamba. Xwaya ukuba ulaka lungakuvusi usashaywa, ungachezukiswa ngobuningi bamahlawulo. Ukukhala kwakho kungakusiza ukuba ungahlali osizini, nazo zonke izikhwepha zamandla akho, na? Ungafisi ubusuku, lapho abantu beyakususwa ezindaweni zabo. Xwaya ukuba ungabhekisi ubuso bakho ebubini, ngokuba ukhethile lokho kunokuhlupheka. “Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe; ngubani ofundisa njengaye na? Ngubani ommisele indlela yakhe na? Ngubani ongasho ukuthi: ‘Wenzile okubi,’ na?

Funda UJobe 36

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo