UJobe 36

36
U-Elihu Uthi UNkulunkulu Ufuna Kuphela Ukuba Isoni Siphenduke
1U-Elihu waqhubeka wathi:
2“Ngibekezelele kancane, ngizokukhombisa,
ngokuba ngisenamazwi okumela uNkulunkulu.
3 Ngizolulanda kude ulwazi lwami,
ngikunike uMenzi wami ukulunga.
4 Impela ayikho inkohliso emazwini ami;
onolwazi olupheleleyo unawe.
5 “Bheka, uNkulunkulu unamandla,
kodwa akukho muntu ambukela phansi,
mkhulu emandleni okuqonda.
6 Akazigcini izigilamkhuba ziphila,
kepha abahluphekayo ubenzela ubulungiswa.
7 Amehlo akhe akawasusi kwabalungileyo,
kodwa ubahlalisa namakhosi
ezihlalweni zobukhosi,
baphakame, kuze kube phakade.
8Uma beboshwa ngamaketango,
babanjwe yizintambo zokuhlupheka,
9 lapho uyababonisa izenzo zabo
neziphambeko zabo
ukuthi baziphakamisile.
10 Uyazivula izindlebe zabo
ukuze zizwe ukuyalwa,
abayale ukuba baphenduke eziphambekweni zabo.
11 Uma belalela, bamkhonze,
imihla yabo iyophetha ngempumelelo
neminyaka yabo, bethokozile.
12 Kepha uma bengalaleli,
bayobhubha ngenkemba,
bafe bengenalwazi.
13“Abangenakulunga enhliziyweni baqongelela ulaka,
abakhali bacele usizo lapho ebabopha.
14 Bafa besebasha, ukuphila kwabo
kuphelele ehlazweni.
15 Ukhulula ompofu ngobuphofu bakhe,
avule indlebe yabo ngokuhlupheka.
16 “Impela uyakukukhulula osizini,
akubeke endaweni ebanzi,
lapho kungekho ukunyinyeka khona,
kubekwe okunonile etafuleni lakho.
17 Kepha wena uhluphekile ngokuthi
izikhohlakali ziyakujeziswa yini;
ukwehlulela nobulungiswa kuyokwenziwa.
18 Qaphela ingcebo, ingakuyengi,
ungachezukiswa ngubukhulu bokufunjathiswayo.
19Ukuceba kwakho,
nayo yonke imizamo yezikhwepha zakho,
kungakusiza yini ukuba ungabi sosizini na?
20 Ungabulangazaleli ubusuku lapho abantu
bebhujiswa ezindaweni zabo.
21 Qaphela, ungaphendukeli ebubini,
ngokuba ngalokho uyobe uzikhethele usizi.
22 “UNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe;
ngubani ofundisa njengaye na?
23 Ngubani ombekele indlela azohamba ngayo na?
Ngubani ongathi:
‘Wenze okungalungile’ na?
24 Khumbula ukudumisa imisebenzi yakhe
abahlabelela ngayo abantu.
25 Bonke abantu bayibonile,
bonke bayibukela kude.
26 Bheka, uNkulunkulu uphakeme, asimqondi,
ubungako beminyaka yakhe abunakuphenywa.
27 “Wenyusa amathonsi amanzi,
abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe.
28Amafu uwenza aconse,
awathululele phezu kwabantu abaningi.
29 Ukhona yini ongakuqonda ukuthi
amafu uweneke kanjani,
nokuduma kwedokodo lakhe na?
30Umbani wakhe uyawusabalalisa umzungeze,
amboze izisekelo zolwandle.
31 Ngokuba ngalokho ubusa abantu,
abaphe ukudla okuningi.
32 Usibekela izandla zakhe ngombani,
awuyale ukuba ushaye inkololo.
33 Ukuduma kwawo kulanda ngaye,
isiphepho sibikezela ngolaka lwakhe.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 36: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo