NgokukaJohane 13:31-35

NgokukaJohane 13:31-35 ZUL20

Esephumile, uJesu wathi: “Manje iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimuliswe kuyo. Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuyo, noNkulunkulu uyakuyikhazimulisa kuye, uyakuyikhazimulisa ngokuphazima kweso. “Bantwanyana, kuseyisikhashana nginani. Niyakungifuna, njengokuba ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona,nina anikwazi ukuza khona. Ngisho lokho nakini manje. “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani-ke thandanani. Ngalokho bonke abantu bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami uma nithandana.”

Ividiyo ye- NgokukaJohane 13:31-35