Ngakho esephumile, uJesu wathi: “Kalokhu iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimulisiwe kuyo. Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuyo, noNkulunkulu uyakuyikhazimulisa kuye, uyakuyikhazimulisa masinyane. “Bantwanyana, ngise khona nani isikhashana. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona ningeze nina, ngisho nakinina manje. “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”
Funda NgokukaJohane 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 13:31-35
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo