NgokukaJohane 13:31-35
NgokukaJohane 13:31-35 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho esephumile, uJesu wathi: “Kalokhu iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazinyulisiwe kuyo. Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuye, naye uNkulunkulu uyakumkhazimulisa kuye, ahle amkhazimulise. Bantwanyana, kuseyisikhashana nginani. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kumaJuda ukuthi: Lapho ngiya khona, ningeze nina; ngakho manje ngithi kini. Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.
NgokukaJohane 13:31-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Esephumile, uJesu wathi: “Manje iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimuliswe kuyo. Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuyo, noNkulunkulu uyakuyikhazimulisa kuye, uyakuyikhazimulisa ngokuphazima kweso. “Bantwanyana, kuseyisikhashana nginani. Niyakungifuna, njengokuba ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona,nina anikwazi ukuza khona. Ngisho lokho nakini manje. “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani-ke thandanani. Ngalokho bonke abantu bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami uma nithandana.”
NgokukaJohane 13:31-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho esephumile, uJesu wathi: “Kalokhu iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimulisiwe kuyo. Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuyo, noNkulunkulu uyakuyikhazimulisa kuye, uyakuyikhazimulisa masinyane. “Bantwanyana, ngise khona nani isikhashana. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona ningeze nina, ngisho nakinina manje. “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”
NgokukaJohane 13:31-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)