Johane 13

13
Johane 13
1Kwathi ungakafiki umkhosi wePhasika, uJesu esazi ukuthi ihora lakhe selifikile ukuthi amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.
2Sekudliwe isidlo sakusihlwa, uSathane esefakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele;
3UJesu ekwazi ukuthi uYise unikele zonke izinto esandleni sakhe, lokuthi uvela kuNkulunkulu, njalo uye kuNkulunkulu;
4Wasukuma ekudleni, wabeka izingubo zakhe; wathatha ithawula, wabhinca.
5Emva kwalokho wathela amanzi endishini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, nokuzesula ngethawula abelibhincele.
6Wayesefika kuSimoni Petru; wathi kuye: “Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na?
7UJesu waphendula wathi kuye: Engikwenzayo kawukwazi khathesi; kodwa uzakwazi emva kwalokhu.
8UPetro wathi kuye: Kawusoze wageza inyawo zami. UJesu wamphendula wathi: Uba ngingakugezi, kawulasabelo lami.
9USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, kungabi izinyawo zami zodwa, kodwa nezandla nekhanda lami.
10UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo akasweli lutho ngaphandle kokugezwa izinyawo, kodwa uhlanzekile ngokuphelele;
11Ngokuba ubemazi ozakumkhaphela; ngakho wathi: Kalihlambulukile lonke.
12Esezigezile izinyawo zabo, wathatha izembatho zakhe, wabuye wahlala phansi, wathi kubo: Niyakwazi yini engikwenzile kini?
13Ningibiza ngokuthi, Mfundisi, neNkosi; ngoba nginjalo.
14Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, nginigezile izinyawo; nani nifanele ukugezana izinyawo.
15Ngokuba ngininike isibonelo, ukuze nenze njengalokho ngenzile kini.
16Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo; futhi othunyiweyo mkhulu kunalowo omthumileyo.
17Uma nazi lezizinto, nibusisiwe uma nizenza.
18Kangikhulumi ngani lonke; ngiyabazi engibakhethileyo, kodwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Odla isinkwa lami ungiphakamisele isithende sakhe.
19Kalokhu ngiyanitshela kungakenzeki, ukuze, nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi nginguye.
20Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo uyangamukela mina; nowamukela mina wemukela ongithumileyo.
21UJesu eseshilo lokho wakhathazeka emoyeni, wafakaza wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini uzakungikhaphela.
22Khona abafundi babukana, bengangabazi ukuthi ukhuluma bani.
23Kwakukhona omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu.
24USimoni Petru wayesemqhweba ukuthi abuze ukuthi ukhuluma bani.
25Yena eqamele esifubeni sikaJesu wathi kuye: “Nkosi, ngubani na?
26UJesu waphendula wathi: Nguye engizamnika ucezwana, nxa ngisicwilisile. Eselucwilisile ucezu, walunika uJuda Iskariyothe kaSimoni.
27Emva kocezu uSathane wangena kuye. UJesu wayesethi kuye: “Okwenzayo, kwenze masinyane.
28Kepha kwakungekho noyedwa owayehlezi ekudleni owayekwazi ukuthi ukusho ngani lokho kuye.
29Ngokuba abanye babecabanga ukuthi, ngokuba uJuda wayephethe isikhwama, uJesu wathi kuye: Thenga esikuswele emkhosini; kumbe ukuthi kabele abayanga.
30Eseluthathile ucezu waphuma masinyane; kwakusebusuku.
31Ngakho esephumile, uJesu wathi: “Kalokhu iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazinyulisiwe kuyo.
32Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuye, naye uNkulunkulu uyakumkhazimulisa kuye, ahle amkhazimulise.
33Bantwanyana, kuseyisikhashana nginani. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kumaJuda ukuthi: Lapho ngiya khona, ningeze nina; ngakho manje ngithi kini.
34Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.
35Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.
36USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, uya ngaphi na? UJesu wamphendula wathi: Lapho ngiya khona, ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela ngasemuva.
37UPetro wathi kuye: Nkosi, ngingekulandele khathesi ngani? ngiyakubeka phansi ukuphila kwami ngenxa yakho.
38UJesu wamphendula wathi: “Uyakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Iqhude aliyikukhala, uze ungiphike kathathu.

Okuqokiwe okwamanje:

Johane 13: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo