UJesu wayekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe, nokuthi Yena wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuye. Wasukuma esidlweni, wabeka izingubo zakhe, wathatha ithawula, walibopha okhalo. Wayesethela amanzi emcengezini, waqala ukugeza abafundi bakhe izinyawo, ezesula ngethawula ayelibophele okhalo. Wayesefika kuSimoni Phethro. UPhethro wathi kuye: “Nkosi, Wena, ugeza izinyawo zami na?”
UJesu waphendula, wathi kuye: “Engikwenzayo manje awukwazi, kodwa uzakuqonda emva kwalokhu.”
UPhethro wathi kuye: “Awusoze wazigeza izinyawo zami naphakade.”
UJesu waphendula, wathi: “Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.”
USimoni Phethro wathi kuye: “Nkosi, makungabi yizinyawo zodwa, kodwa nezandla nekhanda.”
UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo kadingi lutho olunye, kuphela ukugezwa izinyawo, ngalokho umzimba wonke ugezekile. Nina-ke nigezekile, kodwa hhayi nina nonke.”
Ngokuba wayemazi obezakumkhaphela, yingakho athi: “Anigezekile nonke.”
Ngakho-ke esezigezile izinyawo zabo, wathatha izingubo zakhe, wabuye wahlala esidlweni, wayesethi kubo: “Niyakuqonda yini lokhu engikwenze kini na? Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi.’ Yebo, nisho kahle, ngokuba ngiyikho. Uma Mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke kufanele nigezane izinyawo. Ngokuba ngininikile isibonelo sokuba nani nenze njengalokhu ngenzile kini. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso, nothunyiweyo akangaphezulu komthumileyo. Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza.