NgokukaJohane 13:3-17

NgokukaJohane 13:3-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu wayekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe, nokuthi Yena wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuye. Wasukuma esidlweni, wabeka izingubo zakhe, wathatha ithawula, walibopha okhalo. Wayesethela amanzi emcengezini, waqala ukugeza abafundi bakhe izinyawo, ezesula ngethawula ayelibophele okhalo. Wayesefika kuSimoni Phethro. UPhethro wathi kuye: “Nkosi, Wena, ugeza izinyawo zami na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Engikwenzayo manje awukwazi, kodwa uzakuqonda emva kwalokhu.” UPhethro wathi kuye: “Awusoze wazigeza izinyawo zami naphakade.” UJesu waphendula, wathi: “Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.” USimoni Phethro wathi kuye: “Nkosi, makungabi yizinyawo zodwa, kodwa nezandla nekhanda.” UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo kadingi lutho olunye, kuphela ukugezwa izinyawo, ngalokho umzimba wonke ugezekile. Nina-ke nigezekile, kodwa hhayi nina nonke.” Ngokuba wayemazi obezakumkhaphela, yingakho athi: “Anigezekile nonke.” Ngakho-ke esezigezile izinyawo zabo, wathatha izingubo zakhe, wabuye wahlala esidlweni, wayesethi kubo: “Niyakuqonda yini lokhu engikwenze kini na? Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi.’ Yebo, nisho kahle, ngokuba ngiyikho. Uma Mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke kufanele nigezane izinyawo. Ngokuba ngininikile isibonelo sokuba nani nenze njengalokhu ngenzile kini. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso, nothunyiweyo akangaphezulu komthumileyo. Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza.

NgokukaJohane 13:3-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu, wasuka ekudleni, wabeka izingubo zakhe, wathabatha indwangu, wakhwica. Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo. Wafika-ke kuSimoni Petru. Wathi kuye: “Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Lokhu engikwenzayo awukwazi manje, kodwa uzakukuqonda emva kwalokhu.” UPetru wathi kuye: “Awusoze wageza izinyawo zami naphakade.” UJesu waphendula wathi: “Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.” USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, akungabi yizinyawo zodwa kepha nezandla nekhanda.” UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo kadingi lutho, kuphela ukugezwa izinyawo, kepha ugezekile wonke. Nina-ke nigezekile, kodwa angisho nonke.” Ngokuba emazi obezakumkhaphela kungalokho athi: “Anigezekile nonke.” Esegeze izinyawo zabo wathabatha izingubo zakhe, wabuye wahlala, wathi kubo: “Niyakwazi yini engikwenzile kini na? Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi;’ nisho kahle, ngokuba ngiyikho. Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke nifanele ukugezana izinyawo. Ngokuba ngininikile isibonelo ukuba nenze nani njengokuba ngenzile kini. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo. Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.