UJesu ekwazi ukuthi uYise unikele zonke izinto esandleni sakhe, lokuthi uvela kuNkulunkulu, njalo uye kuNkulunkulu; Wasukuma ekudleni, wabeka izingubo zakhe; wathatha ithawula, wabhinca. Emva kwalokho wathela amanzi endishini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, nokuzesula ngethawula abelibhincele. Wayesefika kuSimoni Petru; wathi kuye: “Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na? UJesu waphendula wathi kuye: Engikwenzayo kawukwazi khathesi; kodwa uzakwazi emva kwalokhu. UPetro wathi kuye: Kawusoze wageza inyawo zami. UJesu wamphendula wathi: Uba ngingakugezi, kawulasabelo lami. USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, kungabi izinyawo zami zodwa, kodwa nezandla nekhanda lami. UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo akasweli lutho ngaphandle kokugezwa izinyawo, kodwa uhlanzekile ngokuphelele; Ngokuba ubemazi ozakumkhaphela; ngakho wathi: Kalihlambulukile lonke. Esezigezile izinyawo zabo, wathatha izembatho zakhe, wabuye wahlala phansi, wathi kubo: Niyakwazi yini engikwenzile kini? Ningibiza ngokuthi, Mfundisi, neNkosi; ngoba nginjalo. Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, nginigezile izinyawo; nani nifanele ukugezana izinyawo. Ngokuba ngininike isibonelo, ukuze nenze njengalokho ngenzile kini. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo; futhi othunyiweyo mkhulu kunalowo omthumileyo. Uma nazi lezizinto, nibusisiwe uma nizenza.
Funda Johane 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 13:3-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo