U-Izaya 9:2-6

U-Izaya 9:2-6 ZUL20

Abantu ababehamba ebumnyameni, babonile ukukhanya okukhulu. Labo abahlala ezweni elimnyama bhuqe, ukukhanya kuyakubakhanyisela. Uyokwandisa isizwe, usenze siphuphume injabulo; siyothokoza phambi kwakho njengokujabula ngesikhathi sokuvuna, njengoba abantu bejabula lapho babelana impango. Ngokuba uyakunqamula ijoka lomthwalo wabo, nenduku esemahlombe abo, nentonga yocindezelayo, njengosuku mhla kunqotshwa abakwaMidiyani. Wonke amabhuzu amabutho abefakwe empini, nezingubo ezazicwiliswe egazini, kuyoshiswa, kudliwe ngumlilo. Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.

Funda U-Izaya 9

Verse Images for U-Izaya 9:2-6

U-Izaya 9:2-6 - Abantu ababehamba ebumnyameni,
babonile ukukhanya okukhulu.
Labo abahlala ezweni
elimnyama bhuqe,
ukukhanya kuyakubakhanyisela.
Uyokwandisa isizwe,
usenze siphuphume injabulo;
siyothokoza phambi kwakho
njengokujabula ngesikhathi sokuvuna,
njengoba abantu bejabula
lapho babelana impango.
Ngokuba uyakunqamula ijoka lomthwalo wabo,
nenduku esemahlombe abo,
nentonga yocindezelayo,
njengosuku mhla kunqotshwa abakwaMidiyani.
Wonke amabhuzu amabutho abefakwe empini,
nezingubo ezazicwiliswe egazini, kuyoshiswa,
kudliwe ngumlilo.
Ngokuba sizalelwe uMntwana,
siphiwe iNdodana;
umbuso uyokuba semahlombe akhe.
IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo,
uNkulunkulu onamandla,
uYise ongunaphakade,
uMbusi wokuthula.U-Izaya 9:2-6 - Abantu ababehamba ebumnyameni,
babonile ukukhanya okukhulu.
Labo abahlala ezweni
elimnyama bhuqe,
ukukhanya kuyakubakhanyisela.
Uyokwandisa isizwe,
usenze siphuphume injabulo;
siyothokoza phambi kwakho
njengokujabula ngesikhathi sokuvuna,
njengoba abantu bejabula
lapho babelana impango.
Ngokuba uyakunqamula ijoka lomthwalo wabo,
nenduku esemahlombe abo,
nentonga yocindezelayo,
njengosuku mhla kunqotshwa abakwaMidiyani.
Wonke amabhuzu amabutho abefakwe empini,
nezingubo ezazicwiliswe egazini, kuyoshiswa,
kudliwe ngumlilo.
Ngokuba sizalelwe uMntwana,
siphiwe iNdodana;
umbuso uyokuba semahlombe akhe.
IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo,
uNkulunkulu onamandla,
uYise ongunaphakade,
uMbusi wokuthula.